Idumela lase-Nigeria lokwephula umthetho lishubile kule mpelasonto njengoba abaphangi behlasele izindawo zokuhlala zabasizi ababili abaphezulu ngaphakathi emzini kaMengameli evikelwe kakhulu e-Abuja.
Iphephandaba i-People’s Gazette ibika ukuthi ukubanjwa inkunzi ngesibindi esingaka mhla zi-9 kuNhlaba njengoba kwaqinisekiswa, kwabangela abasizi ababili, u-Ibrahim Gambari no-Abubakar Maikano, ukuba bashiye izindawo abahlala kuzo.
“Izindlu zabo zigqekeziwe kwaphangwa kanti izigebengu zipakishe imali nezinye izimpahla eziyigugu ezizithathe kuzo zombili lezi zindlu,” kusho umthombo utshele i-The Gazette.
Unogada uthe “izigebengu zithathe konke ebizikwazi ukukuthatha kulezi zindawo zombili. Okubuhlungu kakhulu wukuthi akukaboshwa muntu ”.
Ukuhlaselwa kwalendawo eyaziwa nge-Aso Rock, kuza ngesikhathi esilihlazo kakhulu kuMengameli uMuhammadu Buhari olwa nobudlova obukhulayo kanye nokuphanga.
Umthombo wesithombe: I-Premium Times