AmaRasta awajabule ngomthetho omusha ‘wensangu’

Kube nefu elikhulu lentuthu edolobheni laseThekwini ngoLwesine ngesikhathi amaRasta ebhikishela umthetho omusha wokusetshenziswa komthunzi wezinkukhu oqale ukusetshenziswa ngokusemthethweni ngowezi-2020.

UKhehla Buthelezi oyiRasta (oneminyaka engama-37) waselokishini laseNtuzuma eThekwini, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi abajabule neze ngemithetho emisha yensangu.

“Umthetho manje usikalela ukuthi sibe nezitshalo ezimbalwa kakhulu. Ngaphambi kokuphasiswa komthethosivivinywa, besijwayele ukutshala izitshalo zensangu ezingaphezu kweshumi. Amaphoyisa abezithatha izihlahla bazishise – ngaphandle kokuthi basibophe thina.

“Manje ngomthetho omusha uma utholakala unezitshalo ezine ungathola isigwebo esifinyelela eminyakeni eyi-12,” kusho uKhehla.

Umthethosivivinywa omusha uvumela izinkampani ezinezitifiketi ukuthi zivune insangu ezosetshenziswa ekwelapheni kuleli.

UConference Mgenge waseNdumeni eShowe uthe, bayaphikisana noMthethosivivinywa omusha njengoba manje unezezela “kuyo yonke imizabalazo yethu okubandakanya ukucwaswa ngenkolo nezinkolelo zethu.

“Ngike ngaboshwa amahlandla amaningi ngokuba nezitshalo zensangu futhi njalo uma ngisejele bangigunda ama-dreadlocks ami.

“AmaRasta awakutholi ukuqashwa kuhulumeni. Futhi izingane zethu zifundiswa ukuthi zingaphili ngendlela yamaRasta esazifundisa yona. Konke lokho kudinga ukulungiswa,” kusho uConference ongumholi ohlonishwayo wamaRasta.

USista Don ogama lakhe langempela nguNoma Mthembu uthe, akulona iqiniso ukuthi abantu ababhema insangu bangosikhotheni “njengoba abantu abaningi becabanga kanjalo”.

Uthe: “Sinodokotela, abammeli kanye nothisha phakathi kwethu. Empeleni kukhona amaRasta kuwo yonke imkhakha eNingizimu Afrika,” kusho uSista Don odabuka e-Chesterville, eThekwini.

Izihloko zakamuva