Lubhalwe nguTladi Moloi
Umphakathi wamaRasta uvuke umbhejezane wayohlala ezitebhisini zeNkantolo yeMantshi yase-Phuthaditjhaba ngoLwesithathu.
AmaRasta aqhamuka e-Thabana-tsoana e-Qwaqwa, e-Free State abiza indawo yawo ngokuthi “iJerusalema” ebeqhunywe insangu ngesikhathi elinde ukuhambisa imemorandamu.
Bebekhombisa ukuphatheka kabi ngezinsolo zokuziphatha kwamalungu ombutho wamaphoyisa akuleli (SAPS) kanye nombutho wezokuvikela wakuleli i-South African National Defence Force (SANDF) ababathatha njengezigebengu.
UNtsebeng Kotelo uthe bebeye enkantolo ukuzohambisa incwadi yokucela inkululeko.
“Asikhululekile ngoba abafowethu bebelokhu bejahwa futhi beboshwa ngamaphoyisa namasosha. Sizizwa sengathi sikhishwa inyumbazane ezweni lethu,” esho.
“Amaphoyisa abopha abayeni bethu ngenxa yensangu. Ngenxa yalokhu sizithola sidonsa kanzima nezingane ngesikhathi amadoda eboshiwe.”
Uthe kumele bavunyelwe ukutshala insangu njengabo bonke abantu abatshala imifino nezihlahla emagcekeni abo.
“Iqiniso ukuthi ngeke sikwazi ukuphila ngaphandle kwensangu ngoba [ukuyisebenzisa] kufana nokudla isidlo esingcwele,” esho.
UThapelo Mofokeng uthe imashi yabo igqugquzelwe izinsolo zokuhlukunyezwa kanye nesihluku esenziwe ngamaphoyisa kwelinye lamalungu abo.
“Amalungu akwa-SAPS awahambisani nomthetho othi wonke umuntu unelungelo lokusebenzisa inkolo, isiko, ukukhetha, imicabango kanye nokuqonda,” esho.
“Bagasela ezindlini zethu ngaphandle kwencwadi yokusesha kanti uma bethola insangu bayasibopha.”
Umphathi weNkantolo yase-Phuthaditjhaba uLefa Sempe uthole imemorandamu futhi uye wathembisa ukuyihambisa kwimantshi enkulu. Wengeze ngokuthi inkantolo izophendula umphakathi wamaRasta zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa zokusebenza.
Esithombeni esingenhla: Iqembu lamaRasta libhema insangu ngaphandle kwenkantolo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe