Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izigebengu zikhohlisa abantu ukuthi bakhokhe izinkulungwane uma befuna ukuqeqeshwa njengamaphoyisa omgwaqo.
Abagilwa bakhokhe imali engaphezu kuka-R3,000 ukuze bakwazi ukuthola ukuqeqeshwa okufanele kube mahhala kanti abanye bafika emakolishi bathole ukuthi bagetshengiwe.
Izigebengu ziqola imali abantu abafuna ukuba ngamaphoyisa omgwaqo e-Western Cape.
Laba basebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhohlisa abantu ukuthi bakhokhe u-R150 wamafomu kanye no-R3 000 wokujoyina i-Gene Louw Traffic Training College.
Amaphoyisa manje ayaphenya ngalo mkhonyovu futhi asenxuse noma ngubani obona lezi zithembiso zomgunyathi ukuthi azibike ngokushesha.
UNgqongqoshe wezokuThutha e-Western Cape u-Isaac Sileku uxwayise ngokuthi konke lokhu amanga.
“Kuyakhathaza kakhulu ukuthi amaqola asebenzisa amathemba kanye nezifiso zalabo abafuna ukusebenzela imiphakathi yethu njengamaphoyisa omgwaqo. Umnyango uzoqhubeka nokuthatha zonke izinyathelo ezidingekayo ukuze uvikele izakhamuzi zethu ezithobela umthetho futhi zigcine ukwethembeka ohlelweni lwethu lokuqasha; ” kusho uSileku.
Inhloko yekolishi uJacqueline Tweedie uthe abagilwa abaningi ekolishi bacabange ukuthi bakhokhele ukuqeqeshwa.
“Sidumele ngalezi zenzo zokukhwabanisa ezixhaphaza izifiso zalabo abazoba ngamaphoyisa omgwaqo. Isikhungo sizibophezele ekuhlinzekeni bonke abaqeqeshiwe ngamathuba okuqeqeshwa okusobala nokungenzeleli,” kusho uTweedie.
“Sicela uqinisekise yonke imininingwane ngemigudu esemthethweni ukuze ugweme ukuba umgilwa walo mkhonyovu,” engeza.
Isakhamuzi saseNyanga uLuyolo Somi ubecabanga ukuthi abakhohlisi bangase babe nosizo ngaphakathi.
“Ezigamekweni ezifana nalezi, isikhathi esiningi kukhona osebenza kulowo mnyango. Abantu balangazelela ukuthola imisebenzi, futhi bangenza noma yini uma ithuba livela. Ngokudabukisayo, abanye abakalazi iqiniso. Ngiyabazwela ngoba balahlekelwe yimali abebengenayo,” kusho uSomi.
Umnyango uthi imisebenzi yangempela yamaphoyisa omgwaqo ikhangiswa kuphela emaphephandabeni nakusizindalwazi sikahulumeni wase-Western Cape. Ayikho imali edingekayo ukuze ufake isicelo noma uqeqeshwe .
Esithombeni esingenhla: Amaqola asebenzisa izinkundla zokuxhumana bethi bamele i-Traffic Training College futhi bacela abagilwa ukuthi bakhe he imali.
Umthombo: Sithunyelwe