Lubhalwe nguZukile Majova
Imali engaphezu kuka-R1 million inikezwe izitokofela ezikhombisa ubuholi obuqinile, ukuziphatha kahle kanye nokuqamba izinto ezintsha ezikhathini ezinzima zomnotho.
Le miklomelo, osekuwunyaka wayo wesibili, ihlose ukuthuthukisa amalungu esitokofela ngokuhlonishwa, ukuxoxa izindaba kanye nobudlelwano bezezimali.
Ubukhazikhazi behhotela laseGoli iHoughton kwenze kwaba nobusuku obujabulisa kakhulu kuma-Absa Stokvel Awards ka-2025.
Amakhulu ezivakashi, abaqokiwe kanye nabasekeli bahlangane ndawonye ngoMgqibelo ngomhlaka-29 kuLwezi, ukuze bahloniphe izitokofela ezenza kahle kakhulu eNingizimu Afrika nama-saving club asiza imindeni eminingi ezikhathini ezinzima.
Kuwo wonke umphakathi waseNingizimu Afrika wonkana, kunendaba elinde ukuxoxwa indaba yokuqina, ubumbano kanye nomoya ongantengantengi woBuntu.
Ezinhliziyweni zalezi zindaba eziningi kukhona izitokofela: isibani sethemba ezikhathini ezinzima, kanye nophawu lokuhlangana lapho konke okunye kuhlakazeka.
Imiklomelo ye-Absa Stokvel yethulwa ngo-2024 ukuze kuhlonishwe leli siko kanye nokunikeza la maqembu anamandla isikhathi sawo sokugqama.
Isiqubulo salo nyaka sithi “Every Story Deserves a Stage” sigxile ekuxoxeni izindaba kanye nokubungaza abantu abagcina imali.
“Silapha ukuzobungaza izihlabani zesitokofela,” kusho isikhulu se-Absa uTawanda Rumhuma.
“Lawa amaqhawe ansuku zonke akha amandla ezezimali ngokuthembana, ukuhlela nokusebenza ngokubambisana.”
Amaqembu avela ezweni lonke angenele kusukela ezitokofeleni zegrosa omasigcwabisana kuya kuma-bold investment collectives. Abayisikhombisa bahloliwe kwabhekwa umthelela abawenzayo emphakathini iqembu ngalinye, ukusungula izinto ezintsha kanye nokusimama kwezezimali.
Iqembu ngalinye elidle umhlanganiso lihambe no-R50,000. Labo abane-Akhawunti ye-Absa Investment Club bayiphindaphinde kabili imali abayitholile yaba ngu-R100,000. Isamba sika-R1-million sabelwe abawinile.
Ukuhlonishwa kusho okungaphezu kwemali yomklomelo. Kwabaningi bebeqala ngqá ukuthi umsebenzi wabo onzima uhlonishwe obala.
Esithombeni esingenhla::
Umthombo wesithombe:
