Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Akhala ayazithulisa amaqembu amancane asafika kwezombusazwe ngokuncishwa imali abakwaRupert nabakwa-Oppernheimer.
La maqembu adalule ukuthi amanye agcine ehluleka ukungenela ukhetho ngoba imali engenayo kanti amanye adonsa kanzima ukwenza imikhankaso yawo ngenxa yokweswela imali.
Isililo esikhulu kuwo esokuthi azifaka izicelo zoxhaso kulezi zigwili zakwaRupert nezakwa-Oppernheimer kodwa azizange zinakwe.
Umsunguli weqembu lezepolitiki i-All Citizens Party uDkt Senathi Fisha uthe kumanje akanalo ngisho isenti ngoba ugcine ekhipha ephaketheni lakhe ngoba abakwa-Oppernheimer nabakwaRupert bamchayise ecela uxhaso.
“Abazange bazihluphe ngisho ukusiphendula. Lokhu kwenze ngabona ukuthi uma ufuna ukuletha ushintsho emzansi kodwa ungekho ephaketheni lale mindeni awusobe waphumelela kwezombusazwe ngoba bazokuncisha imali.
“Lokhu kusasikhombisa ukuthi lamaqembu akhonyayo njengamanje kusazoqhubeka kukhonye wona,” kubalisa uDkt Fisha.
Ngokolwazi olushicilelwe iKhomishishana yoKhetho eziMele kuvela ukuthi amaqembu ahlomula kakhulu eminikelweni yezimpunyela, ikakhulukazi okumndeni wakwa-Oppernheimer nodabuka eThekwini wakwaMoshal kodwa osuzinze e-Sydney nowakwaMotsepe kube i-DA, i-ANC, i-EFF, i-IFP, i-ActionSA, i-Rise Mzansi ne-Bosa kaMnuz Mmusi Maimane.
La maqembu asohlwini lwemali engu-R437 million enikelwe phakathi kuka-2021 no-2023.
Nokho amanye alama qembu kuthiwa abuye akwazi ukuzenzela imali ngeminikelo esuka emphakathini.