Lubhalwe nguMichael Madyira
Amaqembu ePSL aya ngokuya ebheke eqenjini elishisa izikhotha lase-Angola i-Petro Atletico ukuthola ithalente elisha.
Isibonelo sakamuva ngesokuthi iKaizer Chiefs isayinise umdlali wasemuva u-Inacio Miguel, okumenze waba ngumdlali wesithathu we-Petro Atletico ukujoyina iqembu lePSL ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Ngaphambi kukaMiguel, umgadli uDeivi Miguel Gilberto wajoyina i-Orlando Pirates ngoNtulikazi nomdlali wasesiswini
UCarlinhos (Carlos Sténio Fernandes) udlulele eCape Town City.
Bobathathu laba badlali bayingxenye yeqembu lesizwe lase-Angola. UGilberto uhole ukuhlasela ku-Africa Cup of Nations ka-2023 ngenkathi uMiguel ehlezi ebhentshini.
I-Petro Atletico isiba ngumthombo oqavile wabadlali bamaqembu ePSL, manje sekubhekwe ukuthi laba badlali bazokwenza kahle kangakanani kwiligi.
Ngaphandle kwalaba abathathu abasayinisiwe liyakhula isasasa labadlali base-Angola abaqhamuka emaqenjini ePSL.
Umqondisi wezemidlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jr uncome isipiliyoni sikaMiguel futhi ukholelwa ukuthi uzoba yingxenye ebalulekile yeqembu.
“Sijabule ngokuba nomdlali osezingeni lika-Inacio Miguel ojoyine iqembu lethu,” kusho Motaung Jr.
“Isipiliyoni sakhe, ikhono, nothando lwakhe lomdlalo luhambisana nomoya weKaizer Chiefs, futhi sikholwa ukuthi uzoba nomthelela omkhulu eqenjini.”
UMiguel, owazalelwa e-Portugal wadlalela i-Sporting Braga futhi waba nezikhathi e-Romania nase-Latvia.
Ngesizini edlule, iCape Town City isayinise uJo Paciencia, ophuma ezimbangini ze-Petro Atletico, i-GD Interclube.
Isithombe esingenhla: Umdlali wasemuva omusha weKaizer Chiefs u-Inacio Miguel.
Umthombo: Kaizer Chiefs