Amaqembu ebhola empini yokusayinisa uJali 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Njengoba inkontileka ka-Andile Jali neMamelodi Sundowns iphela ekupheleni kukaNhlangulana kulo nyaka, amaqembu ambalwa aqale izingxoxo nalo mdlali.

Lo mdlali (32) wajoyina iSundowns ngo-2018 ngemuva kokuhlukana neqembu lase-Belgium i-KV Oostende.

Uma umdlali engena ezinyangeni zakhe eziyisithupha zokugcina zenkontileka, amaqembu avunyelwe ukuthi aqale izingxoxo mayelana nokudluliswa kwakhe mahhala uma inkontileka isiphela.

Kula masizini amathathu edlule uJali uye wagqama kanti abanye bebethi akabuyele kuBafana Bafana kodwa umqeqeshi uHugo Broos uyishaye indiva le mibono emangalisayo.

I-ejenti yalo mdlali uMike Makaab utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathintwe amaqembu akuleli nawaphesheya kwezilwandle mayelana nokuhamba kwakhe.

“Yebo, kunentshisekelo enkulu ngoJali kodwa sinikeze iSundowns inketho yokuqala,” kusho uMakaab.

“Engikwaziyo ukuthi iSundowns izimisele ngokuba naye iminyaka eminingi kodwa kuzoncika ezintweni ezimbalwa njengokuthi umdlali usafuna yini ukuhlala khona noma ufuna inselelo kwenye indawo.”

Umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena, uthe uJali usengumdlali obalulekile yize engazange adlale ngesikhathi iqembu lihlula iPirates ngo 2-0 ngoLwesihlanu olwedlule.

“UJali ubalulekile ekusaseni leqembu. Unezimfanelo ezinhle zobuholi futhi kubaluleke kakhulu ukuba naye. Unomqondo omuhle futhi nokuqonda kwakhe kukhulu,” esho ngemuva komdlalo.

“Ngimsebenzisa njengomsizi wesine womqeqeshi ngoba uma ehlezi ebhentshini unginika ulwazi oluningi ngalokho akubonayo. Unolwazi oluhle ngaphandle kwezimfanelo zobuntu, nokuyinto esiyijabulelayo nesithanda ukuba nayo eqenjini.”

UJali ubengomunye wabawine izindondo ezinkulu kwi-Premier Soccer League (PSL) ngesizini edlule, uye wathola indondo ye-MTN8 Last Man Standing, eye-Nedbank Cup Player of the Tournament kanye neye-DStv Premiership Midfielder of the Season.

UJali usedlale imidlalo eyishumi kuphela kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.

Esithombeni esingenhla: U-Andile Jali

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva