Amaqembu ebhola acela ukuthi kucinywe izinkundla zokuxhumana ukulwa nobandlululo ku-inthanethi

Dylan Bettencourt

Izinhlangano eziyishumi ebholeni laseNgilandi, kanye namakilabhu adlala ngaphansi kwazo, azoyivala imithombo yazo yezokuxhumana kusukela ngoLwesihlanu mhla zingama-30 kuMbasa kuze kube uMsombuluko mhlaka zintathu kuNhlaba. Lokhu bakwenza njengemizamo yokulwa nokuhlukunyezwa okuqhubekayo kokubandlululwa kwabadlali abamnyama ezinkundleni zabo zokuxhumana.

Izinhlangano zethumele incwadi ezinkundleni zokuxhumana zicela ukuthi bathathe izinyathelo ezinqala zokulwa nokucwaswa kwi-inthanethi.

Bachaze ukuthi indlela esebenza kahle kakhulu yokwenza lokhu ukuhlunga, ukuvimba nokususa ngokushesha okuthunyelwe okubhekwa njengokuhlasela.

Uhulumeni wase-UK naye ubiziwe ukuthi athathe ezinye izinyathelo ekulweni nokuhlukunyezwa kwi-inthanethi ngokuqinisa umthethosivivinywa wabo we-Online Safety Bill ukuze izinkundla zokuxhumana zibhekelwe kakhulu ngokwenzeka ezinkundleni zabo ezithile.

URichard Masters, oyi-Chief Executive Officer ye-Premier League uthe: “I-Premier League namakilabhu ethu ame eceleni kwebhola ekwenzeni lokhu kuduba ukugqamisa isidingo esiphuthumayo sokuthi izinkampani zezokuxhumana zenze okuningi ukuqeda inzondo yobuhlanga.”

USanjay Bhandari, onguSihlalo we-Kick It Out, okuyinhlangano eyakhelwe ukuphikisana nobandlululo emhlabeni webhola uthe: “Izinkundla zokuxhumana manje sekuyisitsha esijwayelekile sokuhlukumeza okunobuthi. Lokhu kuduba kusho intukuthelo yethu sisonke ngomonakalo odalwa yilabantu abadlalayo, ababukayo nabasebenza kulo mdlalo. ”

Phambilini i-Premier League yathatha isinyathelo sokuthandaza ngaphambi kokuqala komdlalo ukukhombisa ubumbano lwabo nomkhankaso we-Black Lives Matter futhi lokhu ukuduba kubonisa umzamo owandisiwe wokususa ukucwasa kulo mdlalo.

Umthombo wesithombe: @SkyNews

Izihloko zakamuva