Ezemidlalo: Iligi yekhilikithi ye-SA20 ibhekene nempelasonto emqoka yemidlalo njengoba amaqembu elwela indawo yokuhlungela abangompetha beligi i-Joburg Super Kings izobhekana nomdlalo onzima kunayo yonke, kubhala uDylan Bettencourt.
Iligi yekhilikithi ye-SA20 izodlala ngempelasonto kanti amaqembu azobe elwela izindawo zokuhlungela.
I-Joburg Super Kings ihlezi esicongweni ngamaphuzu angu-10 kodwa ibhekene nesivivinyo esikhulu njengoba izobhekana khona ne-MI Cape Town, esele ngephuzu elilodwa nje vo futhi inamaphuzu amahle kakhulu kuligi.
Impi ephakathi kwe-Pretoria Capitals ne-Paarl Royals ingase ishibe , njengoba womabili amaqembu ebambene ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Phansi, i-Sunrisers Eastern Cape isabheke ukunqoba okokuqala. Bazobhekana ne-Durban Super Giants kabili kule mpelasonto emidlalweni engenza noma iphule isizini yabo.
Lo mdlalo usaqhubeka ngoMgqibelo lapho iGoli selidudulana neKapa ku-Wanderers, kulandele i-Eastern Cape lapho izobhekana neTheku e-St George’s Park.
Ama-Durban Super Giants azobhekana ne-Sunrisers Eastern Cape, ngoLwesihlanu ngo-5.30 ntambama.
I-Pretoria Capitals izobhekana ne-Paarl Royals, ngoMgqibelo ngo-1pm.
I-MI Cape Town izobhekana ne-Joburg Super Kings, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
I-Sunrisers Eastern Cape izobhekana ne-Durban Super Giants, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
Yonke imidlalo izokhonjiswa kuDStv channel 212.
➤Ama-Bulls anakho konke okumele akudlalele kodwa ngezizathu zonke ezingalungile. Njengoba bebheke ezansi ku-Pool 3 ku-Investec Champions Cup, banomdlalo wokuzihlenga bebhekene ne-Stade Francais. Ama-Bulls awakanqobi nowodwa umdlalo kweyama-pool futhi awanalo ithuba lokungena kweyomkhumulajezi, kodwa anethuba lokuzihlenga. Badlala e-Loftus Versveld kanti i-Stade Francais isendaweni yesibili ukusuka phansi, inqobe umdlalo owodwa kuphela ngaphambi kwama-Bulls.
Uma ama-Stormers ewina kahle ebhekene ne-Racing 92 angase angene kuma-playoffs, kodwa adlala e-Paris futhi ebusika kubanda, mhlawumbe kumanziswe umoya onamandla. Umjaho awubanga nawo umqhudelwano omuhle kodwa ama-Stormers anganqoba uma efuna.
Ama-Cheetahs nama-Lions asethubeni elihle ku-Investec Challenge Cup. Ama-Cheetah anentaba azogibela kuyo ngokumelene ne-Lyon e-Bordeaux, e-France. Kumele babhekise amakhanda phansi bagxile kulokho abakufunaho, kodwa noma bewinile bangase baphume emqhudelwaneni.
Ama-Lions azobhekana nama-Dragons e-Emirates Ellis Park kanti ukunqoba okugculisayo kuzowafaka kumaqembu amane aphezulu. Nakuba edlalela ekhaya, isimo sezulu singase singabavuni. I-Ellis Park cishe izoba manzi futhi ibhola lishelele lingakwazi ukubambelela.
I-Vodacom Bulls izobhekana ne-Stade Francais e-Loftus Versveld, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
AmaLions azobhekana ne-Dragons e-Emirates Ellis Park ngoMgqibelo ngo-5.15pm.
I-Leon izobhekana nama-Cheetahs Atlantique Stadium, e-Bordeaux, ngoMgqibelo 7.30pm.
Racing-92 izobhekana ne-Stormers e-La Défense Arena Paris, ngoMgqibelo ngo-10pm.
Yonke imidlalo izodlala bukhoma kuDStv channel 211.
Esithombeni esingenhla: Ukapteni wama-Super Kings aseGoli uFaf du Plessis.
Umthombo: SA20/X