Amaqembu aseyilangazelele i-African Super League

Dylan Bettencourt

Imiklomelo emikhulu yezimali evela ku-Africa Super League ihlelelwe ukukhuthaza amaqembu amancane e-Afrika yonkana ukuthi asebenzele ekubeni ngompetha bezwe.

Leyo imicabango yesikhulu esiphezulu seqembu lase-Tanzania uSimba Barbara Gonzalez okholelwa ukuthi ukukhishwa kwemali  kuzowakhuphula kakhulu amaqembu amancane.

Lo mqhudelwano umenyezelwe mhlaziwu 10 kuNcwaba i-Confederation of African Football (CAF) kanti kulindeleke ukuthi uqale ekuqaleni kwesizini ezayo.

Lo mqhudelwano uzohambisana ne-African Champions League.

Iqembu ngalinye kwangu-24 azobamba iqhaza lizothola u-R40 million kanti abawinile bazophinde bathole u-R177 million.

I-Super League ayigcini ngokuhlomulisa iqembu ngalinye le bhola, kodwa zonke izinhlangano ezingu-54 ezingamalungu e-CAF zizothola u-R16 million.

“Ukutshalwa kwezimali  okwenziwe i-CAF ngesikhwama sobumbano semifelandawonye ikhona okuzothuthukisa ibhola lesizwe,” uBarbara Gonzalez kaSimba etshela i-BBC Sport Africa.

“Ukuze sibe nokuncintisana kule miqhudelwano yamazwe ngamazwe kudingeka ukutshalwa kwezimali. Manje njengoba sebetshala imali eningi, wonke umuntu unesifiso sokudlala futhi manje sinethuba lokulwa.”

UMengameli we-CAF uPatrice Mostsepe uchaze ukuthi enye yezinselelo ezinkulu izinhlangothi zase-Afrika ezibhekana nazo uxhaso lwezimali.

“Amaqembu aphezulu ase-Afrika abambe iqhaza kwi-Champions League ekhona asebenzisa imali eningi kwezokuthutha nezindawo zokulala,” kusho uMotsepe.

“Futhi ngesikhathi bewina imali abayitholayo ayithetheleli noma inxephezele izindleko ezinkulu abazenzile.”

Kunokwesabela ukuthi lo mqhudelwano ungase unyuse igebe phakathi kwamaqembu axhaswe ngemali kanye nalawo anezinkinga zezimali, kodwa uGonzalez ukholwa ngenye indlela.

“I-Africa Super League izonciphisa igebe ngenxa yokutshalwa kwezimali esikhwameni sobumbano esizoba kuwo wonke amazwe.”

Nokho uGonzalez uvumile ukuthi kunokukhathazeka ngokuthi lo mqhudelwano izolithinta kanjani ikhalenda lamaqembu abambe iqhaza.

Umthombo wesithombe: @KawowoSports

Izihloko zakamuva