Amaqembu aseSoweto kowandulela owamanqamu weNedbank Cup

Lubhalwe nguMichael Madyira

Akuzona izenzo zobuhlakani nje ezenze ukuthi iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates zifinyele kowandulela owamanqamu we-Nedbank Cup.

NgoMgqibelo, iPirates ibidinga ukukhahlelwa kwamaphenalthi ukuze ibalekele ukuhlazeka nokudlulela phambili ngesikhathi ibhekene neDondol Stars edlala esigabeni sesithathu.

IDondol idonse amaBhakabhaka kwaze kwafika isikhathi esengeziwe futhi babe neshwa lokugeja iphenalthi yabo yokugcina.

Umqeqeshi weDondol uKhuliso Rashamuse uze wasola iPirates ephelelwe ithemba ngokusebenzisa amaqhinga “acasulayo” ukuzama ukuthola amathuba ngasekupheleni komdlalo.

Kube nokuhilizisana ngesikhathi esengeziwe, abebesebentshini beDondol okubalwa kubo uRashamuse beya kwisikhulu sePirates besisola ngokukhipha ibhodlela lamanzi likanozinti wabo “ophethwe isifuba” uSphamandla Gumede.

URashamuse ukholelwa ekutheni bekuyitulo lokuphazamisa unozinti wabo esigabeni esibalulekile salo mqhudelwano.

“USpha ubenamanzi laphaya emapalini futhi bekungamanzi acwebile,” kusho uRashamuse. Ngakho omunye we-Orlando Pirates engingamazi igama lakhe uye wafike wathatha lelobhodlela lamanzi.

“Sike saba nesimo lapho umdlalo obuqhubeka khona kodwa uSpha egxile kulo muntu othathe amanzi futhi bekuyinto ecasulayo. Awukwenzi lokho ngoba lona umdlalo wentukuthelo nemizwa.”

Ngakusasa kuphinde kwaba nzima kuKaizer Chiefs enkundleni yezemidlalo i-Chatsworth ngesikhathi ibhekene nosokhaya iRoyal AM.

Igoli elishaywe umdlali weRoyal AM, iphenalthi kanye nemizuzu eyengeziwe kusindise iChiefs.

Babonge uThabo Matlaba ngokubanika igoli lokulinganisa ngemuva kokuthi uLesego Maganyi eshayele iRoyal AM igoli.

Lo mqhudelwano awukwazanga ukuxazululwa kanti iChiefs ifake uMduduzi Shabalala oshaye iphenalthi.

Ngisho umqeqeshi u-Arthur Zwane uvumile ukuthi bebengekho bukhali phambi kwamapali.

“Kusobala ukuthi ukungagxili kwethu ezintweni ezithinta i-deadball kubanike ithemba,” kusho uZwane.

“Nokuthatha izinto kalula kube inkinga kodwa ngicabanga ukuthi lokho bekufana nesifundo. Akusho lutho ukuthi uwashaya kanjani amagoli.”

La maqembu ase-Soweto azohlangana kowandulela owamanqamu.

Esithombeni esingenhla: UThabang Monare we-Orlando Pirates ebalekela inselelo yomgadli weDondol Stars uTshepo Skhosana

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva