Menzi Magubane
Njengoba sekwedlule isikhathi sekhefu lomhlaba wonke le-FIFA, amaqembu aseNingizimu Afrika angaqala ukugxila ezinhlelweni zawo ezimatasa.
Amaqembu amane akuleli amataniswa namaqembu aqhamuka e-Afrika yonkana esigabeni sokugcina semidlalo eyandulela owamanqamu e-CAF kule mpelasonto.
Amanye amaqembu azobuyela ku-DStv Premiership futhi enethemba lokuthola lawo maphuzu amathathu abalulekile, kodwa imiqhudelwano yezwekazi ilindele i-Mamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates, AmaZulu ne-Marumo Gallants kule mpelasonto.
AmaZulu kanye ne-Gallants vele asedlalile emidlalweni yale sizini emzuliswaneni wokuqala wamanqamu. Womabili azokwamukela iqembu lase-Congo emidlalweni yawo yomzuliswano wokuqala ngoLwesihlanu.
Usuthu, olunqobe ngo-3-2 ku-CAF Champions League ludlala neqembu elikhulu lase-Malawi i-Big Bullets, luzobhekana ne-TP Mazembe enqobe i-Champions League amahlandla amahlanu.
Lo mdlalo uzoba enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ngehora le-5 ntambama.
I-Gallants, enqobe iqembu lase-Equatorial Guinea i-Futuro Kings ngo 4-2 ku-Confederation Cup, izokwamukela i-AS Vita enkundleni yezemidlalo iPeter Mokaba ngehora le-6 ntambama. Umzuliswano wesibili womdlalo woSuthu uzoba ngoMgqibelo ozayo, kanti i-Gallants izovula inkundla ngoLwesihlanu. Yomibili le midlalo izobe ise-DRC.
I-Sundowns ne-Pirates izobe idlala okokuqala kule sizini emiqhudelwaneni wabo njengoba womabili la maqembu eqede kahle emzuliswaneni wokuqala.
I-Sea Robbers izovakashela e-Brazzaville ukuyodlala ne-Diables Noirs ku-Confederation Cup ngoLwesihlanu ngo-4.30 ntambama e-Stade Alphonse Massamba-Debat.
I-Downs izobhekisa amabombo e-DRC ukuyodlala ne-Maniema Union ngeSonto e-Pentecost Martyrs Stadium ngo-4 ntambama ku-Champions League.
I-Sundowns ne-Pirates kulindeleke ukuthi baphumuze abanye abadlali babo ngemuva kokubamba iqhaza emidlalweni yokuhlungela iNdebe Yomhlaba ye-FIFA yangowezi-2022.
Siyethemba amaqembu ethu azogqugquzelwa ifomu yeBafana Bafana yakamuva bese ebuya nokunqoba okudingeka kakhulu ngempelasonto.
Umthombo wesithombe: @OfficialPSL