Menzi Magubane
Sekungokwesithathu emlandweni we-UEFA Champions League, ukuthi umdlalo wamanqamu ube phakathi kwamaqembu aseNgilandi.
IManchester City izobhekana neChelsea e-Atatürk Olympic Stadium e-Istanbul, e-Turkey mhla zingama-29 kuNhlaba.
Umdlalo wabo wokuqala wawungesizini ka-2007/08 lapho iManchester United yashaya khona iChelsea ngo-6-5 sekukhahlelwa amaphenalthi e-Moscow, e-Russia. Owesibili ubungo-2018/19 e-Madrid lapho iLiverpool eyashaya khona iTottenham Hotspur ngo 2-0.
Ukuze umdlalo wamanqamu ube phakathi kwe-City ne-Chelsea, amaBlues ashaye iReal Madrid ngo-2-0 kuma-semi final ngoLwesithathu nango-3-1 sekuhlangene amaphuzu. ICity ibizibekisele indawo kowamanqamu ngokunqoba kwabo ngo 4-1 sekuhlanganiswe iligi yeParis Saint-Germain ngoLwesibili.
ICity kanye neChelsea ibhekane kabili kule sizini, ngesikhathi iCity iwine umdlalo we-Premier League kwathi iChelsea yanqoba owandulela owamanqamu we-FA Cup ngenyanga edlule.
La maqembu womabili azohlangana ku-Premier League ngaphambi komhla zingama-29 kuNhlaba emdlalweni wamanqamu e-pre-Champions League ngalo Mgqibelo e-Etihad Stadium, e-Manchester ngo-6.30 ntambama.
Ukunqoba kweCity kuzobenza baklonyeliswe njengompetha baseNgilandi njengoba sebesele nemidlalo emithathu. Into esele kuChelsea kwi-Premier League ukulwela ukuthola indawo kwi-Champions League yesizini ezayo, kodwa-ke uma benqoba mhla zingama-29 kuNhlaba bangaqinisekiswa ngendawo kusizini ezayo.
IChelsea inqobe le ndebe okokuqala ngesizini ka-2011/12, yahlula iBayern Munich ngo-4-3 sekukhahlelwa amaphenalthi e-Germany.
Lo umdlalo wokuqala weCity wamanqamu e-Champions League.
Umthombo wesithombe: @habladeportes