Amaqembu ase-Europe nabezindaba bakhona bakhombisa ukungayihloniphi i-Afcon

Menzi Magubane

I-Africa Cup of Nations (Afcon) isifikile, kanti ne-Afrika isimi ngomumo.

Kusukela ngeSonto ngomhlaka-6 kuNhlolanja, i-Cameroon izosingatha imidlalo ehlanganisa amazwe angu-24 azobe elwela ukuhlonishwa e-Afrika.

Lizoba linye kuphela izwe elizodla umhlanganiso kodwa angeke kube lula. Lo mqhudelwano ubuhlelelwe u-2021 kodwa wahlehliswa ngenxa ye-Covid-19.

Ukulinda sekuphelile kubalandeli bebhola ezwenikazi i-Afrika. Sekuyisikhathi sokuya ezinkundleni ukuyobukisa ngemibala emihle i-Afrika eyaziwa ngayo.

Kubuhlungu ukuthi amaqembu amaningi ase-Europe nabezindaba abawuhloniphi ngendlela efanele lo mqhudelwano.

Njalo uma kudlalwa lo mqhudelwano kuhlezi kuba nomdonsiswano phakathi kwamazwe ase-Afrika namaqembu aphesheya kwezilwandle angazimisele ngokudedela abadlali kwi-Afcon.

Futhi sonke siyazi ukuthi i-Covid-19 isekhona.

Abezindaba abasizi ngalutho. Bangambuza kanjani umdlali ukuthi uzolidlalela yini noma cha izwe lakhe kwi-Afcon ezayo? Umbuzo onjani lowo?

Lo mbuzo uyakhombisa ukuthi abezindaba base-Europe bayeya kangakanani i-Afcon.

Umgadli we-Ajax Amsterdam ne-Ivory Coast uSebastien Haller uthe lo mbuzo ukhombisa ukungayihloniphi i-Afrika.

“Ngabe lo mbuzo uyoke awubuze umdlali wase-Europe ngaphambi kwe-EURO? Impela ngizoya kwi-Africa Cup!” kusho uHaller.

Owayengumgadli we-Arsenal neNgilandi, u-Ian Wright, ugxeke abezindaba base-Europe ngendlela abangayihloniphi ngayo i-Afcon, wathi ukukhuluma kwabo kugcwele ukucwasa ngokwebala. 

Ezwakalisa ukuphoxeka kwakhe ngendlela abase-Europe abangawuhloniphi ngayo lo mqhudelwano.

“Ngabe ukhona yini omunye umqhudelwano ongahlonishwa ukwedlula owe-Africa Cup of Nations?” kubuza uWright.

“Akukho ukuhlonishwa okudlula ukumela izwe lakho. Uke wezwa umuntu ebuza umdlali webala elimhlophe ukuthi uzolidlalela yini iqembu lamaNgisi?”

Umthombo wesithombe:@matchday_african

Izihloko zakamuva