Amaqembu aphikisayo ayayenqaba imiphumela yokhetho

Lubhalwe ngu-Ibrahim adeyemi

Amanxusa amaqembu amakhulu aphikisayo e-Nigeria anqabe imiphumela yokhetho lobuMengameli emenyezelwe.

Abantu base-Nigeria baye okhethweni ngoMgqibelo beyokhetha uMengameli omusha namalungu ephalamende.

Kodwa-ke, ukhetho aluhambanga kahle njengoba ngoMsombuluko amanxusa eqembu elikhulu eliphikisayo,  i-People’s Democratic Party (iPDP) kanye ne-Labour Party (LP) abese-National Collation Center e-Abuja aphume kule ndawo ebhikisha.

Ukubalwa nokumenyezelwa kwemiphumela kusaqhubeka.

UDino Melaye kanye no-Emeka Ihedioha be-PDP basole ikhomishana yokhetho, i-INEC ngokwephula uMthetho wezokhetho ngokuqhubeka nokubala imiphumela naphezu kokwehluleka ukuyishicilela kwi-portal ye-iREV – okuhloswe ngayo ukubonisa imiphumela yokhetho bukhoma.

Ama-ejenti amanye amaqembu okuhlanganisa nalawo e-SDP, e-LP kanye ne-ADP azwakalise imibono efanayo.

Ama-ejenti abethukuthele aye aphuma wonke kule ndawo.

Usihlalo we-INEC uMahmood Yakubu usenqabile isicelo sama-ejenti futhi uye waqhubeka nomsebenzi wokuhlanganisa imiphumela.

“Asizile ukuzogxiviza ukukhwabanisa okhethweni okumenyezelwe i-INEC kanye ne-APC,” kusho uMelaye we-PDP etshela izintatheli ngemuva 

kokuphuma kule ndawo.

I-APC noma i-All Progressives Congress, iyiqembu elibusayo njengamanje.

“I-INEC inenkohlakalo. I-APC ibe nomthelela kwi-INEC,” esho.

Selokhu kumenyezelwe imiphumela uMengameli we-APC, uBola Tinubu nguye ohola phambili kanti umholi we-PDP u-Atiku Abubakar usemuva kwakhe kakhulu.

Womabili amaqembu aphikisayo nabahlaziyi bezepolitiki babize i-INEC ngokwehluleka ukubeka izinto obala ngokusebenzisa ingosi ye-iREV. Baningi abanye abanxuse ukuthi ichithwe imiphumela.

Ukuqoqwa nokumenyezelwa kwemiphumela kulindeleke ukuthi kuqhubeke kuze kube sekupheleni kwangoLwesithathu noma ekuqaleni kukaLwesine.

Izihloko zakamuva