Amaqembu aphikisayo asola i-ANC ngezinkinga zakuleli 

Lubhalwe nguZukile Majova
UMhleli Wezepolitiki

Ukubekezelela inkohlakalo kanye nabaholi abangenalwazi kwi-ANC sekuyingozi enkulu ekusaseni lelakuleli nakubantu balo.

Umholi we-DA uJohn Steenhuisen ukusho lokhu ePhalamende ngoLwesibili ngesikhathi kunenkulumo-mpikiswano ngenkulumo yesizwe kaMengameli uCyril Ramaphosa.

Udalule isikhathi seminyaka engu-15 ngesikhathi uJacob Zuma ethatha izintambo futhi kamuva zathathwa uRamaphosa, ngesikhathi i-ANC iphazamisa indlela yelakuleli eya empumelelweni nakubantu balo.

Ngaleso sikhathi, uZuma kanye nozakwabo balawula umbuso futhi bacekela phansi izinhlaka zombuso, bagwamanda u-SARS, amaphoyisa, i-National Prosecuting Authority kanye nezinhlaka zezobunhloli.

Uhulumeni kaZuma wathatha u-R250-million wemali yabakhokhi bentela wakha umuzi wakhe oseNkandla kwathi imali engaphezu kuka-R1-trillion yasetshenziswa ebudedengwini.

Amalungu e-ANC ePhalamende asebenzise iningi lawo namandla awo ePhalamende elinezihlalo ezingu-400 ukuvikela uZuma.

“Uma i-ANC ithi u-2024 unyaka okumele sivikele ngawo inkululeko yethu, baqinisile. Kufanele sivikele inkululeko yethu  ku-ANC,” kusho uSteenhuisen.

I-DA ivulele iPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile icala lobugebengu njengoba imsola ngokuhlomula emacaleni enkohlakalo ahlukene kanti uSteenhuisen usole uRamaphosa ngokuvikela iphini lakhe.

“Ngemuva kwawo wonke umonakalo kanye nokucekelwa phansi okwenzeka eminyakeni engu-15 eyamoshwa ngaphansi kobuholi bukaZuma noRamaphosa, ngokudabukisayo ukhetho lwakulo nyaka alukakalifezi ngempela iphupho lango-1994. Kunalokho, lolu khetho lumayelana nokugcina iphupho liphila,” kusho uSteenhuisen.

Umholi we-Freedom Front Plus uDkt Petrus Groenewald uthe umnotho uya ngokuya uwohloka selokhu uRamaphosa angena esikhundleni.

“Ngesikhathi uba uMengameli ngo-2018, izinga lokukhula komnotho lalingu-1.3%. Nyakenye belingu-0.9%. Ngakho ngaphansi kobuholi benu, umnotho uvele wehla … kwadala umonakalo kubantu bakuleli,” kusho uGroenewald.

Uthe yize uRamaphosa ebengumholi webhizinisi likahulumeni futhi ehola imizamo yokuqeda ukucishwa kukagesi nokuvuselela u-Eskom, inkampani kagesi iwile ngaphansi kwesandla sakhe.

“Ubani ocekele phansi u-Eskom? I-ANC ecekele phansi u-Eskom. Ngesikhathi uba uMengameli ngo-2018, imali yakuleli uma iqhathaniswa nedola yayingu-R11.55. Izolo ibingu-R18.92.”

Esithombeni esingenhla: Umholi we-DA uJohn Steenhuisen kanye nomholi we-FF+ uPetrus Groenewald bagxeka uMengameli uCyril Ramaphosa.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva