Celani Sikhakhane
Amaqembu aphikisayo ayisikhombisa azofaka isicelo sokungamethembi uMengameli uCyril Ramaphosa ngele-Farmgate okuyindaba eqhubekayo yokugqekezwa kwepulazi lakhe nyakenye.
Esithangamini nabezindaba, la maqembu abize uRamaphosa kanye neBhange Lombuso lakuleli ukuthi bavele ePhalamende ukuze bezophendula ngophenyo olucashile lokugetshengwa kwepulazi i-Phala Phala.
Lesi sithangami besihlanganisa i-ATM, i-DA, i-Cope, i-EFF, i-IFP, i-ACDP kanye ne-NFP.
I-DA ebiyingxenye yezingxoxo phambilini ihoxile ngoLwesibili kusihlwa yathi ayikholwa ukuthi isiphakamiso sokungamethembi uMengameli siyindlela efanele.
Abaholi bamaqembu ezepolitiki babambe isithangami eGoli ngoLwesine.
Umholi we-EFF uJulius Malema uthe bazosebenzisa noma yiluphi uhlelo olukhona ukuze uRamaphosa aphendule.
“Sizophinda sisebenzise ubumbano lwethu ukuze sixoxe futhi sakhe indlela efanayo ezinkingeni eziningi zenhlalo-mnotho ezibhekene nomphakathi, okuhlanganisa ukukhuphuka kwezindleko zokuphila, inkohlakalo, ukuntuleka kwemisebenzi, inkinga kagesi kanye nezinga lobugebengu elikhulayo,” esho.
“Umvikeli woMphakathi kumele asheshe akhiphe umbiko mayelana nezinsolo zokwephulwa kwemithetho okwenzeke e-Phala Phala.
Udaba lwase-Phala Phala luwudicilele phansi umkhankaso kaRamaphosa wokuba nguMengameli we-ANC ihlandla lesibili ngaphambi kwengqungquthela ye-ANC yesi-55 yokukhetha ubuholi ngasekupheleni konyaka.
NgoNhlangulana lowo owayengumphathi wezobunhloli u-Arthur Fraser uvulele uMengameli icala ngezinsolo zokugqekezwa epulazini lakhe nyakenye. UFraser wathi izigebengu zizame ukweba imali elinganiselwa ku-$4 million (u-R60 million) kule ndawo.
Usole uRamaphosa kanye nonogada bakhe ngokubopha izigebengu ngokungemthetho kanye nokuzinika imali ukuze zithule ngalesi sigameko kanti lokho kuphakamise imibuzo mayelana nokuba semthethweni kwemali ababezama ukuyintshontsha.
UMengameli uphinde wehluleka ukubika ngalesi sigameko emaphoyiseni kanti manje ubhekene nemibuzo yokuthi ngabe wasephula yini isifungo sokuziphatha.