Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezindaba zepolitiki
Akuselona ihaba ukusho ukuthi amaqembu aphikisayo akuleli ayizahluleki.
Amaqembu ezombusazwe aphikisayo njengamanje cishe alawula amavoti angu-55% ezweni.
Kodwa enzeni ngalokhu?
Okhethweni lwakamuva lohulumeni basekhaya lwango-2021 iqembu elibusayo lazuza amavoti angu-45.59%, lashiya amaqembu aphikisayo namavoti angu-54%.
Iqembu eliphikisayo elisebenzisana kahle belizosebenzisa la mandla eliwanikwe ngabavoti ukuthi lithathe bonke oMasipala abangu-66 abasele belenga ngenxa yokungabikhona kweqembu elithole amavoti amaningi.
Le mikhandlu ibihlanganisa oMasipala abakhulu abanemali, njengoba amaqembu aphikisayo abezothola ithuba lokukhombisa ukuthi angabusa kangcono kune-ANC.
Labo Masipala abakhulu kubalwa iNelson Mandela Bay, iTheku, Ekurhuleni, i-Tshwane kanye nedolobha laseGoli, nesabelomali esingaphezu kuka-R200 billion.
Ukungaboni ngaso linye emaqenjini aphikisayo kanye nokwehlukana kwamavoti aphikisayo kuyaqhubeka nokukhungathekisa ukuvela kweqembu eliphikisayo elinamandla ngempela elingakwazi ukwenza okuhlukile kune-ANC.
Imiphumela yokhetho lukazwelonke olwedlule ikhombisa ukuthi izwe selinamaqembu ezepolitiki okungenani angu-43 nevoti elingaphansi kuka-1% likazwelonke.
Lokhu kuhambisana nombono kaHelen Zille wokuthi ukuvotela amaqembu amancane kuyivoti elingekho.
Ukungaboni ngaso linye emaqenjini amahlanu amakhulu aphikisayo okubalwa i-DA, i-EFF, i-IFP, i-ActionsSA kanye ne-FF-plus kwenze kwaba nzima ukuthi amaqembu aphikisayo ahlanganise ohulumeni abakhombisa ubumbano nokuthembeka ikakhulukazi koMasipala abakhulu.
Kodwa ingabe lo umehluko wenqubomgomo?
Kusukela okhethweni eminyakeni emibili eyedlule, umfelandawonye oholwa i-ANC ukwazile ukuphatha iTheku neGoli wabhidliza umfelandawonye oholwa i-DA e-Tshwane kanti manje usugasela Ekurhuleni.
Umbango wezikhundla ku-DA ogqugquzelwa kakhulu umshoshaphansi wokulawula iqembu likaMadam Zille kuphazamise ukuhlangana koMasipala abasamisiwe.
Isibonelo, eGoli lowo owayeyiMeya ye-DA uDkt Mpho Phalatse wehlule ubuhlakani be-ANC eziNkantolo futhi wagcina isikhundla sakhe njengeMeya empini enzima yedolobha. Kodwa imizamo yakhe yokuhlanganisa amaqembu aphikisayo ngaphansi kwesigcawu esisodwa ichithwe ukwenqaba kukaZille ukusebenzisana ne-EFF.
Inhloso bekuwukubuyisele amandla kuKhongolose, othole amavoti angu-33.6%.
Kulokhu amaqembu aphikisayo abe namavoti angaphezu kuka-66%, kodwa awazange akwazi ukuthola umkhandlu ka-R85 billion omele abantu abangaphezu kuka-6 million.
Ezingeni likazwelonke amaqembu aphikisayo aphethe u-42,5% ePhalamende Likazwelonke elinezihlalo ezingu-400 futhi anethuba langempela lokudonsa i-ANC ngaphansi kuka-50% okhethweni lwangonyaka ozayo.
I-ANC isengcupheni yokuhluleka ukunqoba izifundazwe ezifana ne-Gauteng kanye neKwaZulu-Natal.
Kodwa ngabe amaqembu aphikisayo azokwenza okuthile ngakho konke lokhu okuhle?
Noma ngabe ukuzikhukhumeza kwabo kuzoma endleleni yabo futhi?
Isithombe esingenhla: UJohn Steenhuisen kanye noHelen Zille
Umthombo: Twitter