Amaqembu aphikisayo afisa kumiswe ukhetho eNigeria  

Premium Times

Amaqembu amabili aphikisayo e-Nigeria, i-PDP kanye ne-Labour Party acele ikhomishana yokhetho yezwe i-INEC ukuthi ihoxise ukhetho lobuMengameli lwangoMgqibelo.

Amaqembu amabili amakhulu aphikisayo aphinde afuna ehle esikhundleni uSihlalo we-INEC, uMahmood Yakubu, kanti akhala ngokuthi wehlulekile emsebenzini wakhe wokuletha ukhetho olukhululekile, olunobulungiswa noluthembekile.

Womabili la maqembu enze lesi sicelo esithangamini sabezindaba esihlanganyelwe ngabangenele ukhetho lwePhini likaMengameli enkabeni yedolobha e-Abuja ngoLwesibili.

I-Premium Times ibike ukuthi ama-agent e-PDP kanye ne-LP aphume esikhungweni sokusebenzisana kuzwelonke ngoMsombuluko ngesikhathi uSihlalo we-INEC egcizelela ukuthi lolu hlelo luzoqhubeka nakuba ikhomishana ingakayifaki imiphumela yawo wonke amayunithi okuvota engosini ye-portal ye-INEC, i-IReV.

Empendulweni esheshayo emaqenjini, i-INEC izichithile lezi zikhalazo yathi uYakubu ngeke asule futhi abantu abahlukumezekile kufanele badlulisele izikhalo zabo ngokwemithetho yokhetho.

I-INEC ithe kunemigudu yokubhekana nezikhalazo zokucela uSihlalo ukuthi ehle esikhundleni futhi le akuyona enye yazo futhi isicelo sokuthi ehle esikhundleni asiphusile. 

I-INEC iphinde yachitha izinsolo zokuthi uSihlalo wabela amaqembu amaphuzu, yathi akunasisekelo futhi akunasibopho.

“Ngokuphambene kunalokhu okushiwo izinhlangothi zombili, imiphumela evela ezifundazweni ikhomba inqubo ekhululekile, enobulungiswa nethembekile,” kusho isitatimende.

“Kunemigudu ebekiwe okumele ilandelwe amaqembu ahlukumezekile noma abangenele ukhetho uma bengagculisekile ngomphumela wokhetho. Izinqubo ezinjalo azibandakanyi ukufuna uSihlalo we-INEC ukuthi asule esikhundleni noma kumiswe ukhetho.

“Eqinisweni abahlukumezekile bakhululekile ukuya eziNkantolo ukuze bethule izikhalazo zabo bese belinda ukuthi udaba luxazululwe. Ukusho amagama alulazayo nadala udlame noma iziyaluyalu akwamukelekile.”

Izihloko zakamuva