Lubhalwe nguMlungisi Gumede
Amaqembu aphikisayo achaze inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ebhekiswe esizweni (Sona) ngoLwesine njengo mfudumezo.
Bephendula inkulumo kaRamaphosa yesizwe enamakhasi angu-29, abaholi abaningi bamaqembu bazwakalise ukudumala kwabo.
Umholi we-DA uJohn Steenhuisen uthe inkulumo kaRamaphosa iphinde lokho ayekushilo phambilini.
‘’I-Sona yangempela esizoyibuka yileyo ezoba ngemuva kokhetho lwalo nyaka,’’ kusho uSteenhuisen.
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa uthe ubona sengathi kwenziwe ikhophi yezinkulumo edlule.
Umholi we-NFP ePhalamende u-Ahmed Munzoor uthe i-Sona kaRamaphosa ibiwumkhankaso wokhetho hhayi inkulumo yesizwe.
Uthe kodwa umengameli izithintile izinto ezibalulekile njengo hlelo lwe-National Health Insurance (NHI).
Umholi we-Al Jama-ah uGanief Hendricks uthe uMengameli ukhulume nge-living wage empeleni eyi-starvation wage.
UHendricks uthe iSona ibeke uRamaphosa esimweni esinzima njengoba izwe liya okhethweni.
UNobhala Jikelele we-UDM, uYongama Zigebe uthe lokhu kuwukumosha isikhathi, wengeza ngokuthi inkulumo kaMengameli ifana nenkulumo ehlezi izwakala.
UMnuz Matthew Parks weCosatu uthe iCosatu ikhungathekile njengoba izwe lihlezi ku-40% wabantu abangasebenzi.
IPhini likaNobhala Jikelele wokuqala we-SACP, uMadala Masuku uthe umbuso kumele wenze isiqiniseko sokuthi uyawuqeda ugqamcishi.
Isithombe esingenhla: Umholi we-DA uJohn Steenhuisen ekhuluma nabezindaba.
Umthombo wesithombe: X