Celani Sikhakhane
Kube noqhekeko kumaqembu ahlukene ezepolitiki endaweni yaseMnambithi kumasipala i-Alfred Duma ngesikhathi oyimeya yomasipala wendawo ehoxisa ivoti lakhe ngenxa yokungazethembi.
I-Scrolla.Africa isithole ukuthi ukulwa okungaphakathi kwiqembu le-IFP kwenze amanye amakhansela ahoxisa amavoti awo okuvotela imeya uVincent Madlala weqembu le-ANC.
Amadodana amabili azalwa imeya uVincent Madlala, uSabelo kanye noSbonelo, kanye nonogada abathathu babekwe izinsolo zokubulala uMncedisi Dladla kanye nabanye ozakwabo ababili.
UMadlala kanye nendodakazi yakhe uSinazo baboshiwe ngokufuna ukuphazamisa uphenyo. UMadlala ubhekene namanye amacala okuba nezibhamu ezingekho emthethweni abazithole emzini wakhe. UMadlala kanye noSinazo badedelwe ngebheyili eyizi-10 000 zamarandi umuntu emunye.
Isiphakamiso sifakwe iqembu le-DA ngemuva kwamasonto amabili ukuthi kukhishwe uMadlala esikhundleni ukuze abhekane kahle namacala akhe enkantolo.
Ikhansela le-IFP elingathandanga ukudalulwa igama lithe ukuxabana okungaphakathi kwenze amalungu ahlukana phakathi babamba imihlangano ngasese.
“Ukuqokwa kwabazongenela ukhetho lohulumeni abazayo sekwakhe uqhekeko kumaqembu ethu” kusho elinye lamakhansela.
Ikhansela leqembu le-DA uKhulekani Msibi uthe inhloso yabo bebeyihlele kahle, kodwa ayiphumelelanga ngenxa yeqembu le-EFF neqembu le-Nadeco.
“Iqembu le-EFF nele-Nadeco bakwenze kwacaca ukuthi bafuna uMadlala ahlale. Abazange bayiseke inhloso yethu. Ohlangothini le-IFP angeke ngiphawule kakhulu ngenxa yokuthi ngiyazi bebevumelana nenhloso yethu yokungahambisani noMadlala” kusho uMsibi.
Ikhansela le-EFF uMbongeni Shange uthe bebengazi lutho ngenhloso yamanye amaqembu.
“Iqembu le-DA alizange lisitshele lutho nangalesi sikhathi bevumelana ngenhloso eyodwa. Ngalokho kube nzima ukuthi siseke into esingayazi” kusho uShange.
Iqembu le-DA belinethemba elikhulu ukuthi inhloso yabo izophumelela ngenxa yamaphuzu abawaphakamisile ngesikhathi befuna kukhishwe uMadlala.
UMadlala ubhekene namacala okuphazamisa uphenyo kanye necala lokuba nezibhamu ezingekho emthethweni.
Uphume ngebheyili enemigomo nemibandela yokuthi kumele abike emaphoyiseni aseZakheni njalo ngoLwesihlanu kusukela ngehora lesithupha ekuseni kuya kwihora lesithupha ntambama.