Ezemidlalo: Amaqembu amathathu kwamane aseNingizimu Afrika ahlulwe ngesonto eledlule futhi bazobe bekulungele ukulungisa amaphutha abo futhi bapholise imizwa yabo ephukile, kubhala uDylan Bettencourt.
Ubusika sebufikile e-Northern Hemisphere kulo nyaka. Kumakhaza, kuyabetha futhi kunomoya futhi ukwehla kwamaqembu aseNingizimu Afrika emzuliswaneni wokuqala we-European Rugby Championship kukhombisile lokho.
Ama-Bulls athole obekubafanele 5-27 kuma-Saracens. Ama-Stormers, adlalele ekhaya, ahlulwe ngo 14-24 okukhombisa ukungahleleki kwebhola lombhoxo kumele bajabhe ngemiphumela yabo. Sibonga amazulu ngama-Sharks athole ama-try amahlanu ehlula i-Exeter Chiefs ngo 39-21.
Ku-Challenge Cup, ama-Lions adedele ama-try amane ku-Ospreys e-Swansea ahlulwa ngo 30-14 kwathi i-Cheetahs yadlala ngokulingana ne-USA Perpignan.
Lokhu kusho ukuthi kuleli sonto la maqembu azobe edlalela ukukhombusa ukuthi kubafanele ukuba semqhudelwaneni.
Ama-Sharks anomdlalo wokuzilungiselela noma wekhefu lapho ebhekene ne-Leicester Tigers ezimeni ezinzima zasebusika e-England. I-Leicester kulindeleke ukuthi iwine, kodwa ungawakhipheli ngaphandle ama-Sharks ngaphambi kokuthi umdlalo uqale.
Ama-Bulls anethuba elihle ePitoli uma esemukela i-Northmpton Saints. Iqembu likaJake White linephuzu elizolifakazela ngemuva kokudlala kabi ngesonto eledlule.
I-Twickenham akuyona indawo enobungani kakhulu yezivakashi kodwa ama-Stormers angcono ahlanganise isenzo sawo ngokumelene ne-Harlequins. Ngemuva komdlalo owodwa kuphela sebevele besemuva badinga isimangaliso ukuze babuyele ekuzingeleni.
Ama-Lion angakwazi ukuzitholela indawo e-Emirates Ellis Park uma ebhekene ne-Swction Paloise kanti ama-Chetahs azobhekana ne-Cardiff Rugby kanye nesimo sezulu sase-Wals njengoba bebheke ukunqoba kwabo kokuqala.
I-Champions Cup:
Ama-Bulls azobhekana ne-Northampton Saints, ngo-3pm ngoMgqibelo e-Loftus Versveld
I-Leicester Tigers izobhekana nama-Sharks, ngo-7.30pm ngoMgqibelo e-Welford Roaf
I-Harlequins izobhekana ne-DHL Stormers, ngo-10pm ngoMgqibelo e-Twickenham
Yonke imidlalo uzovezwa bukhoma kuDStv channel 201
I-Challenge Cup:
Ama-Lions azobhekana ne-Section Paloise ngo-5.15pm e-Emirates Ellis Park
I-Cardiff Rugby izobhekana ne-Cheetahs ngo-10pm e-Cardiff Arms Park
Yonke imidlalo izodlala bukhoma kuDStv channel 211
➤ Yisikhathi sokuphela kwesizini ye-Premier League lapho amaqembu elwela ukuqeza isizini kahle.
I-Arsenal inethemba lokugcina isicoco njengoba izokwamukela i-Everton ngoMgqibelo ngo-5am kanti nabaphethe iligi i-Liverpool ngazobe bedlala ne-Fulham ngesikhathi esisodwa.
Nokho, umdlalo wangempelasonto uzofika ngeSonto lapho amaqembu amabili e-Manchester ezobhekana khona lapho kungekho qembu elidlale kahle.
I-Manchester City isesimweni esibi kakhulu ngaphansi kukaPep Guardiola kanti i-United isajwayela ukudlala ngaphansi komphathi omusha uRuben Amorim kodwa ukunqoba kulo mdlalo kuzojabulisa umhlaba wonke nabalandeli. Umdlalo uzoqala ngo-6.30pm.
I-Chelsea izobe idlala ngo-9 ebusuku ngeSonto lapho izokwamukela i-Brentford osekuphele iminyaka ihlushwa ama-Blues.
I-Tottenham izofuna ukudlalela ukunqoba ngemuva kokuhlulwa ngesonto eledlule lapho ibhekene ne-Southampton ngesikhathi esisodwa.
Yonke le midlalo izodlala bukhoma kuDStv channel 203.
Esithombeni esingenhla:Ama-Blue Bulls
Umthombo: Blue Bulls/X