Amaqembu amatekisi ayizimbangi abanga imizila yaseSoweto

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Inhlangano yamatekisi i-Wata ne-Nanduwe ishayisana ngamarenki amathathu amatasa eSoweto, nokushiya abagibeli besabela izimpilo zabo.

Amaphoyisa ahlezi ebhekile njengoba izinhlangano zamatekisi zisabisa ngodlame ngesikhathi kusalindwe iNkantolo ukuba inqume ukuthi imizila ingekabani.

Amaphoyisa aqaphe ngeso lokhozi iDube kanye ne-Orlando West eSoweto lapho izinhlaka zamatekisi ezimbili zibanga imizila futhi.

Impi phakathi kwe-Witwatersrand African Taxi Association (Wata) ne-Nancefield Dube-West Taxi Association (Nanduwe) ishiye abagibeli besaba ukuchaphazeleka ilombango.

Le mpi iwumzila ohlanganisa amarenki amathathu: irenki yaseMofolo KwaMthethwa, eMakhetha Garage (ePhefeni) nerenki yaseMalume Toms Hall.

I-Wata ithi umzila ngowabo, kodwa abashayeli base-Nandiwe baqale ukusebenza khona ngoMsombuluko.

Okhulumela i-Wata uHamilton Miya uthe i-Gauteng Provincial Regulatory Entity (GPRE) yabiza umhlangano ngomhlaka-15 kuMasingana. “Kusithusile ukuzwa ukuthi i-Nandiwe unikezwe imvume yokusebenzisa imizila ngesikhathi sisalinde iNkantolo eNkulu ngoMbasa ka-2025 ukuthi ikhiphe isinqumo,” kusho uMiya.

I-GPRE itshele i-Wata ukuthi nakuba amanye amatekisi ekwazi ukudlula kulezi zindawo, awakwazi ukukhweza abagibeli lapho.

Iminyaka yempi phakathi kwala maqembu ishiye abagibeli bethukile. Umgibeli uSibongile Nkosi (27) uzibonele mathupha lolu dlame.

“Ngo-2021 ngimi esitobhini sakwaDube ngesikhathi umshayeli wetekisi emiswa ngabanye abashayeli bamkhipha etekisini bamshaya phambi kwethu. Basitshela ukuthi benza isibonelo ngaye,” kusho uNkosi.

Abagibeli manje bakhathazekile ukuthi bazofika emakhaya bephephile yini, kodwa amaphoyisa ayiqaphile indawo.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa eduze nerenki yamatekisi. 

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva