Amaqembu amatasa nokusayinisa abadlali njengoba eyePSL isisemome

Lubhalwe nguMichael Madyira

Amaqembu e-Premier Soccer League adudulana wodwa emakethe yokuthengwa kwabadlali njengoba kusondela ukuqala kwesizini ka-2023/24.

Kuze kube manje, iSuperSport United iyona esasayinise abadlali abaningi njengoba sekunabadlali abayisishiyagalombili abasha abafike kuleli qembu.

Izimbangi zase-Soweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates balandela ngemuva yize besemkhankasweni wokuzama ukuqeda ukukhonya kweMamelodi Sundowns ebholeni lakuleli.

“Ngeke ngisho ukuthi sesiqedile ukuthungatha abadlali,” kusho umqeqeshi weChiefs uMolefi Ntseki etshela umsakazo iRadio 2000.

“Ziningi izinto ezingenzeka phakathi nesizini njengokulimala nokulahlekelwa yifomu, ngakho kufanele sihlale sizilungiselele.”

Umlingani kaNtseki kuPirates, uJose Riveiro ufuna isikwati esiqinile njengoba belungiselela ukubuyela ku-CAF Champions League nasekwenzeni kahle emidlalweni yasekhaya.

Uthe ugculisekile ngebhodwe abaliphekayo.

ISundowns isayinise abadlali abane okubukeka sengathi abadlali abahamba phambili, okuhlanganisa nomdlali wase-Brazil uLucas Ribeiro Costa olaxaze iqembu abelidlalela e-Belgium.

Umqeqeshi weDowns uRhulani Mokwena uzishaya isifuba ngesikwati sakhe.

IMoroka Swallows nayo ibimatasa emakethe njengoba inabadlali abayisithupha abasha okubalwa nokusayinisa u-Andile Jali.

IRichards Bay nayo yamukele abadlali abasha abayisithupha kwathi iGolden Arrows isisayinise abahlanu. Amaqembu afana neTS Galaxy bathule  kanti iRoyal AM yona inqindeke amandla ayikwazi ukuthenga abadlali ngenxa yokuvinjelwa iFifa.

Isizini kulindeleke ukuthi iqale ngomhlaka-4 kuNcwaba.

Esithombeni esingenhla: Abadlali abasha be-Orlando Pirates uSephelo Baloni (phakathi) nonozinti uMelusi Buthelezi (kwesokudla)

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva