Celani Sikhakhane
Usihlalo we-ANC esigcemeni Inkosi uBhambatha usevikele ukusebenzisa kweqembu isisho esithi “Ziyakhala” ngesikhathi kulungiselelwa ukhetho lokuvotela ohulumeni bendawo.
ULucky Moloi uthi igama lomlando elingakaze lihlotshaniswe nodlame.
Lokhu kumenza angaboni ngaso linye ne-National Prosecution Authority (i-NPA), echaze inkulumo lesi sisho enkantolo yemantshi yase-Randburg njengembangela yodlame nokuphangwa kwempahla ngoNtulikazi.
Ekhuluma phambi kwamalungu eqembu eNquthu, uthe “ayikho impi ngokomlando noma udlame oluhambisana nalesi sisho. Yingakho sisisebenzisa futhi abantu bahlale behlanya futhi bajabule uma usuqala ukusebenzisa isisho esithi ‘Ziyakhala’”.
Imoto ewuhlobo lwe-Grand Cherokee Jeep kaMoloi inombhalo othi Ziyakhala opendwe ngemibala ye-ANC.
Njengoba uMoloi eveza, namanye amaqembu nawo aseyithathile le nkulumo. Umholi we-IFP, uVelenkosini Hlabisa, ulisebenzisile emkhankasweni wakhe wokhetho kanti umholi we-EFF uJulius Malema wasusa umsindo ku-Twitter ngeledlule ngesikhathi evalelisa ngesisho esithi “Ziyakhala”.
UMoloi uthe leli gama lijwayele ukusetshenziswa abantu abamnyama basemakhaya noma nini uma bezijabulisa.
UNgizwe Mchunu, owayengumsakazi woKhozi FM kanye nomsakazi we-Roots ku-SABC 1 okuthiwa nguye owasakaza leli gama, naye uzichithile izinsolo zokuthi ugqugquzela udlame.
UMchunu ungumsekeli wowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, kanti waboshelwa ukugqugquzela udlame kulandela izinxushunxushu ezabhebhetheka KwaZulu-Natali nase-Gauteng ngoNtulikazi.
UMchunu, obemenywe ukuzojabulisa abalandeli be-ANC eNquthu ngoLwesihlanu, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isiqubulo sinamandla futhi asihambisani nomyalezo onodlame.
“Okokuqala kumele ngikucacise ukuthi isiqubulo esithi Ayikhale akusisona esami, kodwa inkulumo esetshenziswayo njengamabhinca futhi njengabantu basemakhaya uma sijabule futhi sijabulela umzuzu othile.”