Amaqembu amaningi ase-Afrika azophuthelwa umqhudelwano wase-Qatar

Menzi Magubane

INdebe Yomhlaba ye-FIFA yalonyaka e-Qatar isalelwe izinyanga eziyishumi kuphela kanti futhi njengoba sonke sizifela ngebhola, inyanga kaLwezi angeke ifike maduze. Kodwa imidlalo yokuhlunga ebhekwe ngabomvu iveze ukuthi akulungile ukuthi kube amaqembu amahlanu kuphela  ase-Afrika azohambela lo mqhudelwano.

Ngokujwayelekile, umqhudelwano udlalwa ngoNhlangulana nangoNtulikazi kodwa ngenxa ye-Covid-19 kube nokubambezeleka kokuphothulwa kwezinto.

Ngenxa yokushisa okwedlulele ezinyangeni zasehlobo e-Qatar, umqhudelwano uzoqala ngasekupheleni konyaka.

Amanye amaqembu, ikakhulukazi awase-Europe kanye nawaseNingizimu neMelika, vele asedlulele phambili esigabeni somqhudelwano kanti amanye asazodlala imidlalo    ezoqala ngoNdasa.

Lokhu kuzokwenzeka ikakhulukazi emaqenjini ase-Afrika.

NgoMgqibelo ngibuke amaqembu esizwe ayishumi elwela izindawo ezinhlanu e-Qatar, ngabona ukuthi abadlali abaningi abaphambili emhlabeni bazophuthelwa umqhudelwano walo nyaka.

Ngokwesibonelo, i-Senegal iqhathwe ne-Egypt. Amazwe amabili amakhulu akulungele ukungena kwiNdebe Yomhlaba.

Sizobona izihlabani ze-Liverpool uSadio Mane noMo Salah betholana phezulu njengoba omunye wabo ezoya e-Qatar. I-Cameroon ne-Algeria –amanye amaqembu amabili anamandla e-Afrika nawo aqhathwe ndawonye.

Lokho kusho ukuthi kukhona okungenzeka futhi singase singamboni uRiyad Mahrez noma uVincent Aboubakar e-Qatar. Siphinde sabona i-Nigeria iqhathwa  ne-Ghana kanti lokhu into enkulu.

Ngaphandle kokwehluleka kwabo kwi-African Cup of Nations eqhubekayo, basengamaqembu amahle anabadlali abanohlonze. Kuyihlazo ukuthi oyedwa kuphela ozodlulela ekugcineni.

Ukudlala ngokulingana kukhombisa ukuthi ibhola lingaba nonya kangakanani. Ngiyameseka umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngokugxeka i-FIFA ngokunika i-Afrika izikhala ezinhlanu kuphela eNdebeni yoMhlaba.

“Emidlalweni yokuhlunga e-Afrika kunamazwe angu-40 azolwela izindawo eziyishumi zokuqala kweyamaqoqo.

Bese kuba amazwe amahlanu kuphela aya e-Qatar lokho akulungile,” kusho yena.

Akulungile ukubona ezinye zalezi zizwe ezinkulu ziphuthelwa ilomqhudelwano. 

Angu-32 amaqembu abambe iqhaza kowamanqamu eNdebe yoMhlaba.

I-Europe inezikhala ezingu-13, i-Afrika, i-Asia kanye neNingizimu yeMelika ngayinye inezinhlanu, iNyakatho/ ephakathi neMelika kanye ne-Caribbean inezindawo ezine.

Umthombo wesithombe: @BeINSports

Izihloko zakamuva