Amaqembu amane abhekene nokuba sezansi kwe-log

Kabelo Tlhabanelo

Cishe amaqembu amane ku-DStv Premiership azobe elindele ukwehla ezansi kwe-log ekupheleni kwesizini ezayo.

Amaphuzu ayisikhombisa kuphela ahlukanisa iMaritzburg United, iTshakhuma Tsha Madzivhandila, iChippa United kanye neBlack Leopards.

Impi yokuzihlenga iyaqhubeka ngoLwesibili lapho iChippa yamukela iBaroka FC e-Gqeberha ngehora le-3 ntambama.

IChilli Boys izongena kulo mdlalo ijabule ngemuva kokushaya isicoco se-GladAfrica Championship iPretoria Callies ngoMgqibelo.

IBaroka nayo izobe isesimweni esihle uma isibhekene neChippa ngemuva kokuthi ithole iphuzu ekhaya ngesikhathi ibhekene neKaizer Chiefs ngoLwesine.

NgoLwesibili iTshakhuma izobhekana neMartizburg enkundleni endala yasePeter Mokaba e-Polokwane ngehora le-5 ntambama. Bahlukaniswe iphuzu elilodwa nje vo.

Ngemuva kodumo lwabo lokushaya amaphenalthi ngesikhathi bedlala neMamelodi Sundowns ngeSonto, iTshakhuma izobe ibheke ukuqhubeka nokwenza kahle kwayo. Ishaye iTS Galaxy ngo-2-0 emdlalweni wabo wokugcina weligi.

IMaritzburg ihlulwe ngo 2-0 yi-Orlando Pirates ngeSonto kanti uma inganenebulwa futhi ngoLwesibili, ingazithola isobishinj.

ILeopards idinga uhlobo oluthile lwesimangaliso ngoLwesithathu lapho ezokwamukela khona iStellenbosch e-Thohoyandou Stadium. Bazobe belwela ukunqoba okokuqala emidlalweni emine futhi ngeke bakwazi ukuvumela ukuhlulwa.

Khonamanjalo, i-PSL ikuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi i-Free State Stadium izosingatha umdlalo wamanqamu we-Nedbank Cup phakathi kweTshakhuma kanye neChippa mhla zi-8 kuNhlaba.

Umthombo wesithombe: @soccerzela