Amaqembu amancane akhala ngezimo zenhlalo ezingezinhle kweye-Afcon

Dylan Bettencourt

Amaqembu esizwe ebhola ase-Gambia nase-Malawi akhale ngezimo ezingezinhle zokuhlala abazibekezelelile emqhudelwaneni walo nyaka we-Africa Cup of Nations (Afcon).

Umqeqeshi we-Gambia, uTom Saintfiet, uzwakalise ukuphatheka kabi kwakhe ngezimo zangaphandle kwenkundla iqembu lakhe elibhekane nazo kuze kube manje. USaintfiet uthe amalungu amaningi abasebenzi bakhe kufaneleke ukuthi ahlukaniselane imibhede kanti abadlali bakhe babelane ngegumbi elilodwa.

“Sinabadlali abayisithupha abalala egumbini elilodwa njengoba i-Covid idlangile nje,” esho.

“Isimo sokuhlala asihlelekile kweye-Afcon. Sihamba amahora amabili ngaphambi kothi sifike lapho esiyodlala khona. Ngisebenze iminyaka engu-14 e-Afrika kodwa lokhu angikaze ngikuzwe. Inhlangano ayisihloniphi futhi kuyihlazo ngempela lokhu”.

Umqeqeshi we-Malawi, uMario Marinica, ukuqinisekisile ukuthi iqembu lakhe libhekene nenhlalakahle engeyinhle. Uthi kunokuchema njengoba kunamaqembu abizwa ngamancane kulo mqhudelwano.

Yize i-Malawi ihlungele isigaba somkhumulajezi okokuqala kweye-Afcon amalungiselelo ayo omdlalo ne-Morocco anzima.

Ukudla okungahlelekile, ukuntuleka kwempahla eyisisekelo kanye nokushoda kwezinsiza zokugeza izingubo kuphazamise amalungiselelo omdlalo we-Flames  ne-Morocco.

“Angeke umbone uSadio Mane ewasha izikhindi zakhe zangaphansi azineke esikhotheni ukuze zome,” kusho uMarinica etshela i-ESPN.

Imenenja yase-Romania ithe kumele kubuzwe imibuzo yokuthi kungani lezi zimo zenzeka emaqenjini amancane kuphela kwi-Afcon, njengoba  abahleli bafuna amaqembu amakhulu athuthuke kunamaqembu amancane.

UMarinica uthe ezakhe zifake isikhalazo ngokusemthethweni ngesimo esingesihle abahlangabezana naso namanye amaqembu amancane ngesikhathi somqhudelwano.

“Ngike ngacela ozakwethu nabaholi beqembu ukuthi bafake izikhalazo ngokusemthethweni, okuholele ekutheni ngikhalaze kubaphathi behhotela futhi kuthathe izinsuku ezintathu ngaphambi kokuthi kulungiswe izinto ehhotela,” esho.

IMalawi, edlala emqhudelwaneni wesithathu we-Afcon, izodlala ne-Morocco emdlalweni wayo wesigaba somkhumulajezi ngoLwesibili ebusuku, kanti umdlalo okuzoqala ngo-9 ebusuku.

Umthombo wesithombe: @Football256

Scrolla World Cup Quiz