Amaqembu amakhulu nabaqeqeshi bakuleli

Ngaphambi komdlalo: UMenzi Magubane ubheka ukukhula kwamaqembu ebhola akuleli aqoka abaqeqeshi bakuleli.

Njengoba ingoma kaSharon Dee isho ukuthi “Local is Lekker”, amaqembu amathathu ahamba phambili kuleli anqume ukulandela leyo ngoma njengoba ebeka ithemba lawo kubaqeqeshi basekhaya.

Isizini ezayo kuzoba ngeyokuqala ngemuva kwesikhathi eside lapho esizobona khona iMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates benabaqeqeshi bakuleli.

Akhona namanye amaqembu azoba nabaqeqeshi bakuleli ngesizini ezayo nokuyinto eyivela kancane ebholeni lakuleli. Abaqeqeshi abaphuma emazweni angaphandle bebebusa ebholeni lakuleli ikakhulukazi kwiligi ephezulu.

ISundowns ibilokhu isebenzisa abaqeqeshi bakuleli eminyakeni eyishumi edlule kanti ibikhonya kwi-DStv Premiership.

Baqala ngoPitso Mosimane ngo-2012 bawina izicoco zeligi eziyisithupha, ezimbili ze-Nedbank Cup, ezimbili ze-Telkom Cup, esisodwa se-CAF Champions League kanye nesisodwa se-CAF Super Cup.

Nyakenye uPitso walandelwa nguManqoba Mngqithi, uRulani Mokwena noSteve Komphela asebewine isicoco se-MTN8, eseligi  nese-Nedbank Cup. Empeleni babengabaqeqeshi bokuqala ukuwinisa iSundowns izicoco ezintathu ngesizini edlule.

IChiefs nayo inqume ukuthola umqeqeshi wakuleli ngemuva kokuhamba kukaStuart Baxter ngasekupheleni kwesizini edlule.

Baqoke u-Arthur Zwane ngokusemthethweni njengomqeqeshi ophethe ngemuva kokuthi abe ngumqeqeshi oyibamba esizwa uDillon Sheppard.

UZwane ungumqeqeshi wesithathu wakuleli oseke waqeqesha iChiefs kusukela kwasungulwa i-Premier Soccer League ngo-1996. UKomphela ube ngowokuqala walandelwa uGavin Hunt.

IPirates ilandele la maqembu amabili njengoba isanda kuqoka uMandla Ncikazi njengomqeqeshi wayo ngemuva kokuthi abe yibamba lomqeqeshi cishe isizini yonke edlule esizwa uFadlu Davids osehambile.

Ngabe abaqeqeshi abasha base-Soweto bazokwazi ukuqhubeka neSundowns ngesizini ezayo?

Sizobona ngokuhamba kwesikhathi. Asethembe ukuthi abaphathi nabalandeli bazobabekezelela njengoba iSundowns yenza ngoMosimane ekuqaleni.

Amanye amaqembu anabaqeqeshi bakuleli AmaZulu (uBrandon Truter), iRoyal AM (u-Owen Da Gama), i-Stellenbosch (uSteve Baker) kanye neCape Town City (u-Eric Tinkler).

Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs

Izihloko zakamuva