Menzi Magubane
Abalandeli be-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates basale bekhungathekile ngemuva kokuthi la maqembu ase-Soweto ehluleke ukwenza ibhizinisi ngewindi lokudayiselana ngabadlali ngoMasingana.
Esikhundleni salokho, la maqembu amabili asole imbangi yawo enkulu i-Mamelodi Sundowns, beyisola ngokusakaza imali ukuheha abadlali abangahle besayine kuyo.
Bathi leli qembu eliphethe isicoco se-DStv lisebenzisa imali ukuvimba abadlali ukuthi babajoyine.
Ngokwami ngicabanga ukuthi la maqembu ase-Soweto aphelelwa amandla futhi enza izaba kubalandeli bawo abathukuthele.
I-Chiefs ne-Pirates ibiphakathi kwamaqembu abejahe ukusayinisa uTeboho Mokoena kodwa agcina ehlulekile ukunika i-SuperSport United ekufunayo ngalo mdlali wasesiswini onethalente. I-Chiefs yenze isiphakamiso sokunikeza i-SuperSport imali engu-R10 million, kodwa yanquma ukuthi ayenele.
I-Sundowns izenzele esayo isiphakamiso sika-R20 million, esivimvbe i-SuperSport ukuthi inqabe ngalo mdlali.
Abalandeli bahlezi bewabheke ngabomvu amawindi okushintshana ngabadlali ngoNcwaba nangoMasingana. Bavame ukuqhosha ngalokho amaqembu abo akutholile nokuthi lowo mdlali uzoletha liphi igalelo eqenjini labo. Kodwa kulokhu la maqembu awazange enze lutho emakethe aye ama abukela i-Sundowns isayinisa abadlali.
Okwenziwe i-Downs ewindini lokuhwebelana ngabadlali kukhombisile ukuthi izimisele futhi kwandise amathuba ayo okuthi iphinde ihlwithe isicoco se-Premiership.
Ngaphandle kokusayinisa uMokoena, i-Downs iphinde yasayinisa uBradley Ralani oyisihlabani se-Cape Town City nomdlali wasesiswini wase-Bolivia u-Erwin Saavedra.
Kuyimanje sebebaleka nesicoco seligi futhi bangahle basinqobe ngeqophelo eliphezulu.
Sezadlula izinsuku lapho bonke abadlali babebenikela nganoma yini ukuze bagqoke ijezi le-Chiefs noma le-Pirates. Manje abadlali balandela imali futhi uma ungazimisele ngokubanikeza imali, bazoya lapho abazizwa befunwa khona.
Umthombo wesithombe: @NewFrame