AmaProteas kuzomele akhuphule amasokisi

Dylan Bettencourt

Ngemuva komdlalo ongemuhle bedlala ne-Bangladesh kuma-ODI, ama-Proteas azodinga ukunyusa amasokisi ochungechungeni lwemidlalo.

AmaProteas akhombise ukwehla nokwenyuka kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule kodwa iqembu lizobe linethemba lokuqeda uhambo lise zingeni eliphezulu libhekene ne-Bangladesh ngaphambi kokuthatha ikhefu lezinyanga ezimbili.

Umdlalo wokuqala uqale ngoLwesine lapho ama-Proteas ashaye khona ama-runs angu-233 elahlekelwe amawikhethi amane kuphela.

Yize ama-Proteas ebebukeka ezinzile ngemuva kosuku lokuqala, bazozizwa bedinga ukushaya ama-runs amaningi ukuze bawine emdlalweni wabo ne-Bangladesh.

Okusele emdlalweni wokuqala kuzoqhubeka impelasonto yonke njengoba abalandeli bekhilikithi bejabulela umdlalo ozoba enkundleni yezemidlalo i-Kingsmead, eThekwini.

INingizimu Afrika ingena ochungechungeni lwemidlalo njengezintandokazi ngokuhlula izimbangi zabo, kodwa i-Bangladesh ihlezi ifihle induku emqubeni.

Umdlalo wekhilikithi ungabukwa bukhoma esiteshini se-DStv 212 impelasonto yonke.

➤ Umdlalo wekhilikithi uyaqhubeka, njengoba ozowina i-ICC Women’s World Cup ezogcotshwa khona ngeSonto.

Umjaho omuhle weqembu labesifazane lama-Proteas ku-ICC Women’s World Cup ufinyelele esiphethweni ngesikhathi behlulwa kabuhlungu ngama-runs angu-137 yiNgilandi kuma-semi-final.

Kodwa umdlalo wekhilikithi uyaqhubeka njengoba iNgilandi izodlala ne-Australia kowamanqamu. Ama-Aussies abukeka eyizintandokazi ezizophakamisa isicoco njengoba engakaze ehlulwe kulo mqhudelwano futhi abukeka esesigabeni sawo esihle.

Ahlule i-West Indies ngoLwesithathu ngama-runs angu-157 ukuze azibekisele indawo kowamanqamu.

Umdlalo wamanqamu uzoba ngeSonto ngo-3 ekuseni e-Hagley Oval kanti uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 212.

➤ Ukwenza noma ukunqamula kwi-CAF Champions League eqenjini laMaZulu elidlala okokuqala elibhekene nesimo esingu-50/50 sokuphuma emqhudelwaneni kweyamaqoqo noma lihlungele umzuliswano olandelayo.

Njengoba sekusele umdlalo owodwa kwi-Champions League, leli qembu laseThekwini kuzomele lishaye i-Horoya bese liba nethemba lokuthi i-Raja Casablanca ihlula i-ES Setif.

AmaZulu azodlala umdlalo wawo wokugcina ngoLwesihlanu ebusuku ngo-6 ntambama e-Guinea kanti azobe emincile kuze kube yiSonto ukuze athole ukuthi asengenile yini emzuliswaneni olandelayo.

I-Raja Casablanca izobhekana ne-Setif ngeSonto ngo-11pm.

Ngakolunye uhlangothi i-Mamelodi Sundowns isivele izibekisele indawo esigabeni sokuhlungela lo mqhudelwano ngemuva kokuhamba phambili ku-Group A.

Ama-Brazilians angakaze ahlulwe kulo mqhudelwano, azotholana phezulu ne-Al-Merreikh esekugcineni etafuleni emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eNingizimu Afrika.

I-Al-Hilal ingase ikhiphele ukucasuka kwayo okukhulu ngokukhipha ompetha i-Al Ahly esigabeni sokuqala somqhudelwano uma ihlula i-Egypt ngamagoli amabili ngehora leshumi ebusuku ngeSonto.

Yonke imidlalo ye-CAF Champions League ingabukwa bukhoma esiteshini se-DStv 202 emdlalweni waMaZulu nakwisiteshi se-DSTV 209 emdlalweni we-Sundowns.

Izihloko zakamuva