AmaProteas azibekisele indawo kowendebe yomhlaba  

Lubhalwe nguRazeen Gutta

U-Aiden Markram ushaye amabhola angu-175 ngesikhathi elakuleli lihlula i-Netherlands ngama-runs angu-146 e-Wanderers kwi-ODI ye-Pink Day ukuzibekisela indawo kwi-ICC World Cup.

AmaProteas ashaye kuqala eGoli athola u-370/8 kuma-overs angu-50.

UMarkram ube umdlali wosuku ovelele ngokushaya kwakhe amabhola angu-126 okuhlanganisa angu-17 kane kanye nayisithupha kwayisikhombisa. UDavid Miller umeseke ngokuqhulula amabhola angu-91 kuma-runs angu-61 ngemuva kokuthi abadlali abavulayo uQuinton de Kock (8) noTemba Bavuma (6) behluleke ukushaya.

Ekujaheni kwabo izivakashi ziqale kahle kodwa zisuke ku-107/1 zaya ku-224 ngesikhathi uSisanda Mangala entshontsha umdlalo ngebhola ethola u-5/43 kuma-overs akhe ayisishiyagalolunye.

Umphumela usho ukuthi elakuleli lizibekisele indawo kwindebe yomhlaba yosuku olulodwa ngasekupheleni kwalo nyaka.

Kwi-Indian Premier League (IPL) i-Sunrisers Hyderabad ikhombisile ukuthi imkhumbule kangakanani ukaputeni wayo njengoba ihlulwe ngamalengiso i-Rajasthan Royals.

I-Royals ithole u-203/5; kanti ngase kupheleni komdlalo i-Sunrisers ikwazile ukuphatha u-131/8 kuphela kuma-overs angu-20 yahlulwa ngama-runs angu-72.

Komunye umdlalo uFaf du Plessis noVirat Kohli bahole i-Royal Challengers Bangalore ngesikhathi iwina ngamawikhethi ayisishiyagalombili ibhekene ne-Mumbai Indians enkundleni yezemidlalo i-Chinnaswamy.

Esithombeni esingenhla: U-Aiden Markram

Umthombo wesithombe: @ProteasMenCSA

Izihloko zakamuva