AmaProteas awine ngaphansi kwamazinga okushisa aphezulu  

Lubhalwe nguLucky Maree

Ukukhandleka elangeni elikhipha umkhovu etsheni akunciphisi nje kuphela izidingo zomzimba nezitho, kodwa kwenza izimfuno ezesabekayo emoyeni.

Njengoba iNgilandi ishaye kuqala emdlalweni wesibili we-One Day International, kudingeke ukuthi amaProteas ajule ukuze enze wonke amabhola abalwe esikhundleni sokushiswa ilanga nje mahhala.

NgoMgqibelo amaProteas akhombise umoya wokulwa oncomekayo. Ingabe bazolahlekelwa ukugxila emdlalweni wesibili?

Kuma-overs okuqala angu-16 amaProteas athathe amawikhethi amathathu adedela ama-runs ambalwa angaphansi kwangu-83 cishe kuma-runs amahlanu i-over ngayinye.

Bese kuba uHarry Brook, Jos Buttler, Moeen Ali bakhiphe ijubabe elincomekayo. UBrook uphume ngamabhola angu-80, u-Ali angu-51 ngesikhathi ukapteni uButtler ethola angu-65 futhi ubukeka ekhululekile kakhulu. Bonke banezinga lokushaya elingaphezu kwekhulu – okuyisimo esingenza abadlali abaningi bajuluke.

Esithombeni esicishe sibe isibuko sama-innings amaProteas emdlalweni wokuqala, abashayayo baseNgilandi bayivule ngama-overs ambalwa okugcina. UButtler ugcina ethole amabhola angu-94 kwangu-84 angeke enze lutho olubi emsebenzini wakhe.

INgilandi ithole angu-342 kwangu-7

Abashayayo abahamba phambili:

UJos Buttler amabhola angu-94 kwangu-84

UHarry Brook amabhola angu-80 kwangu-75

Abaphosa abahamba phambili:

U-Anrich Nortje uthole ama-wickets amabili, ama-overs ayisishiyagalolunye kanye nama-runs angu-64

UWayne Parnell uthole i-wicket eyodwa ama-overs ayishumi kanye nama-runs angu-54

Ngesikhathi abadlali bakuleli abavulayo uTemba Bavuma noQuinton de Kock bengena phakathi enkundleni bekubonakala ukuthi umdlalo usaqhubeka.

Amabhola ayikhulu atholwe elakuleli kuma-overs angu-16 eduze kwe-run rate edingekayo engu-6.84.

Ngesikhathi uBavuma obenamabhola angu-95 ebonakala esebenza ngamandla – uye wathikamezwa ukudonsela komsipha. Kungase kudingeke ukuthi aphume maduze,kodwa hhayi ngaphambi kokuthi ama-runs akhe ayikhulu aqhamuke emabholeni angu-94. Ngesikhathi ephuma eshaye amabhola angu-109 ukunconywa kwakhe bekumfanele.

Ngesikhathi uHeinrich Klaasen ethatha ama-runs angu-27 lokho kwenze u-David Miller wahlolisiswa. Cishe umphumela womdlalo ubusezandleni zakhe.

Ngokushesha uqale ukushaya ibhola inkundla yonke abadlali abayizimbangi beza kuye bonke.

Ngesikhathi kusasele amabhola angu-12 elakuleli belidinga ama-run angu-12. Futhi iNgilandi ibidinga kakhulu iwikhethi ebingawushintsha umdlalo.

Kodwa uMarco Jansen ushaye amame wakhuphula amaphuzu akhe aya ku-32 kwangu-29 kanti uMiller uphethe umdlalo enayisithupha.

Elakuleli lithole amabhola angu-347 kwamahlanu

Abashayayo abahamba phambili:

UTemba Bavuma angu-109 emabholeni angu-102

UDavid Miller angu-58 emabholeni angu-37

Abaphosi abahamba phambili:

U-Ollie Stone uthole ama-wickets amabili, ama-overs ayishumi kanye nama-runs angu-48

U-Adil Rashid uthole ama-wickets amabili, ama-overs ayishumi kanye kuma-runs angu-72

Esithombeni esingenhla: UDavid Miller

Umthombo wesithombe: @ProteasMenCSA

Izihloko zakamuva