AmaProteas awazona izahluleki – Marco Jansen

Ukunqoba imidlalo eyisikhombisa ilandelana kwenze amaProteas akhulisa ukuzethemba ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeT20.

UMarco Jansen, umgadli weqembu ukholelwa ukuthi amaProteas awasezona izahluleki okuyinto ebibahlupha amashumi eminyaka.

AmaProteas angakaze ahlulwe afinyelele kowandulela owamanqamu eNdebe yoMhlaba ye-T20 okokuqala kusukela ngo-2014.

Bazobhekana ne-Afghanistan okuyinto ebingalindelekile kulo mqhudelwano, e-Trinidad ngoLwesine ngo-2.30 ekuseni.

I-India izodlala nompetha i-England komunye umdlalo owandulela owamanqamu ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesine ngo-4.30 ntambama.

“Esikhathini esidlule uma besibiza ngezahluleki kwakuhlala kabuhlungu emakhanda ethu,” kusho uJansen.

“Kusobala ukuthi siyazi abanye abantu bangase bakusho lokhu ezigabeni ezithile, kuya ngokuthi sikuphi nokuthi sihlulwe kanjani kodwa uma sidlala sisuke sifuna ukubakhombisa ukuthi lokhu abakushoyo akusilo iqiniso futhi abakushoyo kusinika umdlandla.”

INingizimu Afrika ayikaze ifinyelele kowamanqamu eNdebe yoMhlaba yekhilikithi nganoma iyiphi indlela. Nokho, uJansen ukholelwa ukuthi ukudlala kwabo njengamanje kukhuphule ukuzethemba kwabo njengoba behlose ukuqopha umlando.

Uthe yize bazi ukuthi kusenomsebenzi okufanele wenziwe kodwa iqembu liyazi kumele lisebenze kanzima.

“Ukunqoba ngokuciciyela akulungile kakhulu kuthina, kodwa ukuthola iqembu lizimisele ezimweni ezihlukene kanye nezimo elibhekene nazo kwengeza ukuzethemba eqenjini lethu ekuyeni phambili,” kusho kanje.

“Asicabangi ukuthi ngeke sihlulwe ngoba siyazi ukuthi kungenzeka noma yini, ikakhulukazi kulezo zimo, kodwa sizama ukuzibeka ethubeni lokuthi senze konke okusemandleni ethu kulezo zimo uma zifika,” kwengeza uJansen.

Akesithi bahlula i-Afghanistan, ehlezi endaweni yesihlanu ngaphansi kweNingizimu Afrika ohlwini lwe-T20 futhi engakaze idlale kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba. Uma kunjalo, amaProteas azobhekana ne-India noma i-England kowamanqamu ngoMgqibelo.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: AmaProteas.

Umthombo: Proteas/X

Izihloko zakamuva