AmaProteas anqobe umdlalo we-ODI series bedlala ne-India

Timmy T Maranda

AmaProteas anqobe i-ODI series ngesikhathi edlala ne-India futhi aqopha ukunqoba kwawo kwesithathu ngokulandelana ngeSonto e-Lucknow, e-India.

Banqobe ngama-wicket ayisikhombisa kusasele amabhola ayisishiyagalombili ukuhola phambili ngamathathu kwelilodwa ngemuva kwe-ODI yesine ezweni elaziwa njengendawo enzima ukuyivakashela emhlabeni.

Ukushaya kwe-India kuqala kuthumele inani eliphelele kakhulu lomdlalo ngama-266/4, kwathi uTumi Sekhukhune wathola ama-wicket amabili kwathi uShabnim Ismail waba ngumdlali wokuqala wabesifazane baseNingizimu Afrika ukuthola ama-wickets ayi-150 e-ODI.

Kodwa-ke ukuzimisela kwamaProteas kubaholele empumelelweni ngesikhathi uLizelle Lee kanye nokaputeni obambile uLaura Wolvaardt bevulela uLara Goodall benoMignon du Preez ithuba lokuthola amaphuzu.

UGoodall udlale kahle kakhulu ngesikhathi eshaya amaphuzu angama-50, okungokwesibili emsebenzini wakhe, emabholeni angama-60 kuphela. UDu Preez uqophe amaphuzu angama-50 akhe okuqala e-India ukuqondisa iNingizimu Afrika ekujaheni kwabo okuphumelele kakhulu.

UGoodall uqede engashaywanga ngama-run angama-59 kwathi uLee top washaya ama-run angama-69, walandelwa ngu-du Preez ngama-61.

“Lokhu kukhombisa ukuthi sisendleleni efanele. Size lapha nephuzu ebesizoliqinisekisa ngemuva kokwehlulwa yi-India eminyakeni emibili edlule. Ukunqoba ngamane kwelilodwa e-India kusho lukhulu emhlabeni jikelele,” kusho uGoodall etshela abezindaba ze-CSA.

“Sibheke iNdebe Yomhlaba futhi inhloso yethu enkulu ukudlala imidlalo eminingi. Sithole ukuzethemba okukhulu ngokunqoba lomdlalo.”

I-India kanye neNingizimu Afrika bazodlala umdlalo wabo wesihlanu ngoLwesithathu e-Lucknow.

Izihloko zakamuva