Dylan Bettencourt
“Besingakulindele ukushisa okungaka eNgilandi ngalesi sikhathi kodwa sizizwe sisekhaya,” kusho ukaputeni wamaProteas uKeshav Maharaj ngemuva kokuhlula osokhaya.
Bashaye ama-runs angu-333 balahlekelwa amawikhethi amahlanu kuphela elangeni elivuthayo elinamazinga okushisa aku-40 degrees celsius.
Iqembu elishayayo leNgilandi belingafiki efomini yabaphosayo bamaProteas njengoba elakuleli liwine ngama-runs angu-62.
URassie van der Dussen, ongumdlali oseshaye amaruns angu-134, uvumelane nokaputeni wakhe ukuthi izimo zibavunile.
“Bekushisa kakhulu, kodwa sesikujwayele. Bekomile futhi kunomoya,” kusho uvan der Dussen.
Yize iqembu libone sengathi isimo siyabavuna, uVvan der Duseen uye waphuma enkundleni ngesikhathi iNgilandi ishaya ngenxa yokuphelelwa ngamanzi emzimbeni.
UMaharaj uncome oshayayo ngokulawula umdlalo ngamaphuzu akhe ancomekayo.
“Abadlali bebesefomini enhle. URassie uqale umdlalo kahle ngesikhathi eshaye konke okunye kuye kwalandela,” kusho uMaharaj.
“URassie uyivule kahle inkundla u-Aiden wangena waqhubeka. Ukuphosa kukaMarkram bekusezingeni eliphansi kanti ngiyajabula ukuthi uwutholile umvuzo wakhe.”
URassie vVan der Dussen uthe bangene kulolu chungechunge bazi ukuthi kufanele badlale ikhilikithi ngokuhlakanipha.
“Emzimbeni bekunzima kodwa uhlelo lomdlalo bekuwukungena endaweni enhle bese sigijima kakhulu,” kusho uRassie vVan der Dussen.
“UMarkram udlale kahle kakhulu. Bonke abadlali abangenile bakhombise ukuzimisela okukhulu. Sijabule kakhulu ngendlela abadlale ngayo.”
AmaProteas azongena enkundleni ngoLwesihlanu enethuba lokuvala uchungechunge uma ewina enkundleni yezemidlalo i-Old Trafford.
Umthombo wesithombe: @ICC