AmaProteas anenebule i-West Indies athola irekhodi le-T20 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

AmaProteas adlale kahle kakhulu ngaphambi kwabalandeli abathembekile be-West Indies abebengalindele ukubona ama-runs angu-500 kuyaphezulu ngeSonto ntambama.

Izivakashi ebezisanda kuwina emdlalweni wokuvula kusele nje usuku olulodwa ukuthi zidlale nelakuleli zishaye kuqala zabeka amaphuzu angu-258/5 ebhodini.

Kube amaphuzu abo aphezulu kakhulu kwi-T20 ngokushaya ama-runs ayikhulu njengoba uJohnson Charles enama-runs angu-118 emabholeni angu-46 futhi nguyena onama-innings aphezulu.

Ngaleso sikhathi abalandeli bebengeke baphuphe ukuthi umdlalo uzoletha imiphumela enjalo.

Ngemuva kokugeja amabhola ambalwa ngoMgqibelo, uQuinton de Kock unikeze elakuleli isiqalo esihle ngesikhathi ethola ama-runs ayikhulu.

UReeza Hendricks uye wameseka kolunye uhlangothi ngesikhathi eshaya ama-runs angu-68 emabholeni angu-28 kuphela ngesikhathi edlala umdlalo wakhe wesi-50 we-T20.

Ekupheleni kwama-innings ukaputeni u-Aiden Markram kanye noHeinrich Klaasen baqede izinto ngesitayela ngesikhathi beshaya amawikhethi ayisithupha ukuze balinganise uchungechunge lwemidlalo emithathu.

Ngesikhathi ingoma kaBob Marley ethi-“Three Little Birds” ikhala ngemuva komdlalo oshubile enkundleni yezemidlalo i-Supersport Park, abalandeli bekhilikithi bakuleli ezweni lonke bawazwile amagama engoma. Mhlawumbe “konke kuzolunga.”

Umdlalo wesithathu nowokugcina we-T20 uzoba e-Bull Ring eGoli ngoLwesibili.

Esithombeni esingenhla: UQuinton de Kock

Umthombo wesithombe: @ProteasMenCSA

Izihloko zakamuva