AmaProteas amancane ashaye iZimbabwe

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Iqembu labasha lakuleli lihlule i-Zimbabwe ngamawikhethi ayisishiyagalolunye kumncintiswano we-ICC Under-19 Cricket World Cup e-Potchefstroom ngoLwesithathu.

Bekuwusuku abangasoze balikhohlwa abashwibi bama-Proteas abancane njengoba behlule i-Zimbabwe ngamawikhethi ayisishiyagalolunye ku-ICC Under-19 Cricket World Cup ngoLwesithathu

UNathaniel Hlabangana usheshe waphuma ngaphambi kokuthi kuqale uhlelo oluhle lukaKwena Maphaka.

Lo mdlali odabuka eGoli uthole ama-wicket haul amahlanu angasoze awakhohlwa ngama-runs angu-34 kuma-overs akhe ayishumi.

UTristan Luus uthole u-3/25 ukuvala ama-innings waqeda no-102 sekusele ama-overs angu-20.

Ijubane kuma-Proteas yinto ejwayelekile njengoba uSteve Stolk noLhuan-dre Pretorius bebegijima kuma-overs okuqala ayishumi.

U-Anesu Kamuriwo uzame ukuba nejubane ngokushesha ngemuva kwe-powerplay, kodwa wahluleka njengoba uDavid Teeger efike wagqiba ama-runs awiniwe.

Njengamanje iNingizimu Afrika ihlezi endaweni yesibili ku-super six, i-Australia ihlezi endaweni yokuqala ngemuva kokunqoba i-England ngama-runs angu-110. Ama-Proteas azobhekana ne-Sri Lanka ngoLwesihlanu.

Esithombeni esingenhla: I-SA U19s

Umthombo wesithombe: @proteasmencsa

Izihloko zakamuva