Razeen Gutta
Ukudlala kahle kanye nama-runs kaRassie Van Der Dussen asize elakuleli ukuthi linqobe ngama-runs angu-62 lidlala ne-England kwi-ODI yokuqala njengoba uhambo lwabesilisa luqala e-Chester-le-street.
USam Curran ukhiphe uQuinton de Kock ngaphambi kokuthi elakuleli likhethe ukushaya kuqala, nokho uJanneman Malan usize uVan Der Dussen ukuthi aqinise ama-innings ngokushaya amaphuzu ayikhulu.
Kuma-overs aphakathi nendawo u-Aiden Markam ujoyine uVan Der Dussen kwi-crease njengoba bobabili bedlala i-spin ne-England ngendlela encomekayo ukuthatha amaphuzu ukusuka ku-144/2 kuya ku-295/3 ngaphambi kokuthi uVan Der Dussen aqedele ama-runs akhe wasiza izivakashi kumphumela wokugcina ongu-333/5 kuma-over abo angu-50.
UJason Roy kanye noJonny Bairstow baqale kahle njengoba bevule ngama-runs ayikhulu ngaphambi kokuthi ukaputeni uKeshav Maharaj kanye nozakwabo u-Aiden Markam bathole amawikhethi okuqala kwayishumi.
UBen Stokes uyena obelandela emdlalweni wokugcina we-ODI wokuphila kwakhe ngemuva kokuvalelwa umlenze ngaphambi kukaMarkam. UTabraiz Shamsi ungene emdlalweni ukukhipha uJos Buttler noMoeen Ali ngaphambi kokuthi u-Ainrich Nortje abhekane noJoe Root ngemuva kokuthola amaphuzu angu-86 kwangu-77.
UNortje uqhubekile wathola u-4/53 kuma-overs akhe ayisishiyagalolunye ekhipha abasubathi ku-271 sekusele ama-overs amathathu.
Ama-ODI ayaqhubeka ngoLwesihlanu okwesibili njengoba womathathu amaqembu ezodlala ngehora lesibili kwi-SAST e-Manchester.