Moyahabo Mabeba
Kusukela eneminyaka eyisithupha ubudala, umfanyana ophila nesifo sesandulela-ngculazi wayenephupho lokuba udokotela.
Kodwa konke lokho kwashintsha ngesikhathi abahlengikazi basemtholampilo wase-Maake ngaphandle kwase-Tzaneen, e-Limpopo bemnika imishanguzo yesandulela-ngculazi okungeyona.
Lo mfana wazalwa enaleli gciwane ngemuva kokuba unina eyeke ukudla imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lesandulela-ngculazi kanye nokuvimbela amaphilisi okutheleleka ngegciwane elisuka kumama liye enganeni ngesikhathi ekhulelwe.
Unina womfana, ongeke adalulwe ukuthi ungubani ukuvikela ingane, uthe indodana yakhe yayinikezwa imithi okwagcina sekuholele ekutheni anikezwe imishanguzo eyadala amahlule egazi ebuchosheni futhi akasakwazi nokuhamba.
Umama uthe njengoba isimo sendodana yakhe siba sibi, kwaphoqeleka ukuthi iphume kwinkulisa ekuqaleni konyaka wezi-2018.
Wayesewuyekile umsebenzi wokuthuthukisa umphakathi ukuze akwazi ukunakekela indodana eyayigula.
“Ngemuva kokuba enikezwe imishanguzo engafanele waqala ukuqhaqhazela, intamo yakhe yaba ntekenteke nesiphongo saqala savuvukala. Wayehlale enomkhuhlane futhi engadli. Uma uma ngimbamba, kwakungathi ngiphethe usana olusanda kuzalwa.”
Umama owayephelelwe yithemba wanquma ukuyisa ingane esibhedlela esibizwa ngeDr CN Phatudi.
“Ngemuva kokumbheka odokotela bamdlulisela esibhedlela sase-Pietersburg. Ngemuva kokuhlolwa kwakhe ngama-scans odokotela bathola amanzi angcolile ohlangothini lwesobunxele lwekhanda lakhe. Odokotela bathi imishanguzo abamnike yona yenzelwe izingane eziphindwe kabili kuneminyaka yakhe.”
Umama uthe ukuyeka imishanguzo yakhe ngesikhathi ekhulelwe kuyiphutha azozisola ngalo impilo yakhe yonke.
Udokotela uBeauty Mukanzi-Mnisi, ongudokotela wezingane e-Polokwane uthe ukulimala kobuchopho ngeke kulungiswe, kodwa ingane ingakwazi ukufunda ukuhamba nge-physiotherapy.
Okhulumela umnyango wezempilo uNeil Shikwambana uthe uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale imbangela yale nkinga.
“Okwamanje ngeke siphike noma siqinisekise lutho ngoba kufanele silubhekisise kahle lolu daba. Silindele umbiko ocacile ngoLwesibili,” kusho uNeil.