Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Amajita alwe kanzima ukuhlula i-USA ngo 2-1 e-Chile afinyelela esigabeni somkhumulajezi eNdebe yoMhlaba.
UGomolemo Kekana ushaye igoli ngesikhathi iqembu lomqeqeshi uRaymond Mdaka liqopha umlando ngesibindi, ukusebenzisana kanye nokuvikela okuqinile.
Amajita adlule kumqhudelwano obunzima ngesikhathi ehlula i-USA ngo 2-1 ngeSonto ukuze afinyelele ku-2025 Fifa Under-20 World Cup Last 16.
I-USA ize kulo mdlalo igcwele ukuzethemba ngemuva kokuhlohla amagoli angu-12 emidlalweni yawo emibili yokuqala. Kodwa iqembu laseNingizimu Afrika lomqeqeshi uRaymond Mdaka lanqaba ukushaywa. Bedlala ngokucasuka nangenhliziyo, bethuse izihlwele e-Estadio El Teniente e-Rancagua, eChile.
I-USA ihambe phambili ngomzuzu ka-13 ngegoli likaNoah Cobb. Ngemuva kwemizuzu emihlanu nje, ingcindezi ye-South Africa yathela izithelo ngesikhathi uJoshua Wynder ephendula ibhola walifaka enethini.
Kusele imizuzu embalwa kuyiwe ekhefini, uMfundo Vilakazi noShakeel April bahlangane kahle bacija uGomolemo Kekana ovele wafaka elinye kwaba u-2-1.
Ngemuva kwekhefu, Amajita abavikele njengamaqhawe. I-USA yiyona ebiphethe ibhola, kodwa unozinti uFletcher Smythe-Lowe usebenze ngamandla ukuvika amagoli.
Ukunqoba kuthumela Amajita emzuliswaneni womkhumulajezi okwesibili kuphela emlandweni, okuhambisana nempumelelo yeqembu lika-Serame Letsoaka lika-2009.
Abadlali bakaMdaka manje sebebheke emgomeni omkhulu kunawo wonke, ukufinyelela kuma-quarterfinal eNdebe yoMhlaba yokuqala ngqa eNingizimu Afrika yabaneminyaka engaphansi kwengu-20.
Amajita aqede endaweni yesibili kuGroup E ngokwahlukana kwamagoli, elingana ngamaphuzu ayisithupha ne-USA nangaphezulu kwe-France eshaye i-New Caledonia ngo 6-0.
Esithombeni esingenhla: Amajita egubha.
Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup
