Amaphoyisa ophiko lweOperation Shanela abophe abasolwa ababalelwa kwisigidi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uGeneral Fanie Masemola uthi umkhankaso we-Operation Shanela, okuhloswe ngawo ukulwa nobugebengu obukhulayo eNingizimu Afrika, usuholele ekuboshweni kwabantu abangaphezu kuka-900 000 ezinyangeni ezingu-17 ezedlule.

Yize abanye abantu bebengakhululekile ngezenzo zamaphoyisa ezinolaka, uMasemola uphawule ukuthi abaningi sebephinde bawathemba amaphoyisa e-SAPS.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko, uMasemola uthe, ngenxa yokusaba okuhlukene komphakathi kulandela izehlakalo zobugebengu ezishaqise isizwe, “impendulo yamaphoyisa eqinile ngokulinganayo … ivuselele ukwethenjwa umphakathi emsebenzini woMbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika”.

I-Operation Shanela ibandakanya ukubhekisisa okusolisayo, izivimbamgwaqo, nokuthungatha abasolwa abafunwayo.

“Siyaqhubeka nokugxiviza igunya lamaphoyisa ngokwandisa isibalo samaphoyisa, ukuqhutshwa kwemigudu yokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho ngesibindi okubaluleke kakhulu, nokwenza ngcono ukuzibandakanya komphakathi ekulweni nobugebengu,” kusho uMasemola.

Phezu kwale mpumelelo, uMasemola ugcizelele ukuthi kusadingeka ukuthi kuthathwe izinyathelo eziningi ezifundazweni ezifana ne-Eastern Cape, KwaZulu-Natal, eGauteng kanye nase-Western Cape.

Ukudubulana kwabantu abaningi kulezi zindawo, ngokuvamile okubandakanya izibhamu ezingekho emthethweni, okusezingeni eliphezulu, kuye kwaphusha amaphoyisa ukuba athuthukise amasu awo okulwa nobugebengu ngokuqhubekayo. Lezi zifundazwe zithola isibalo esikhulu kakhulu samaphoyisa amasha unyaka ngamunye ukuze kukhuliswe ukuba khona kwamaphoyisa.

Kusukela ngoMbasa, amaphoyisa ashaqe izibhamu ezingaphezu kuka-4,400 ezigebengwini.

Ukuze baqhubeke nokuqinisa amabutho abo, uMasemola umeme ababengamaphoyisa abahambe benze kahle ukuthi bafake isicelo kabusha futhi basize “ukulwa nobubebengu”.

Esithombeni esingenhla: UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko ePitoli.

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva