Amaphoyisa omgwaqo asemizamweni emisha yokulwa nobugebengu eThekwini

Celani Sikhakhane

Iziphathimandla zaseThekwini zigasela ezikhungweni zabadayisa ngomzimba nezidakamizwa abadune amabhilidi edolobha bawenza izindawo zezenzo ezingekho emthethweni.

NgoLwesibili amaphoyisa kaMasipala namaphoyisa ophiko lwe-SAPS avale cishe amabhizinisi angama-31 abesebenza ngokungemthetho.

Phakathi kwawo bekukhona izitolo zezi-paza nezitolo ezidayisa izimpahla ebezisebenza ebhilidini lasePhoyinti lapho okusolakala ukuthi bekuqhutshwa khona kakhulu umsebenzi wokudayiswa kwezidakamizwa.

I-Operation Good Hope isetshenziswa yiziphathimandla ukuhlanza izindawo ezinezigebengu enkabeni yedolobha, kubalwa namapaki adunwe yimilutha ye-nyaope.

UMsawakhe Mayisela, oyinhloko yezokuXhumana eThekwini, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi leli dolobha belilokhu lithola izikhalazo eziphuma kubahlali abebethukuthele ngezenzo zobugebengu ezenzeka ezindaweni eziningi zedolobha, ikakhulukazi ePhoyinti.

“Inhloso ukubuyisa idolobha. Yingakho siqonde zonke izinto ezingekho emthethweni ezibandakanya izindawo zokudayisa ngomzimba, abathengisa izidakamizwa nobunye ubugebengu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi idolobha lethu liphephile kuzakhamizi nakubantu abavakashela kuleli,” kusho uMayisela.

Ngowezi-2016, abahlali basemahostela bazithathela umthetho ngezandla ngokulwa nemilutha ye-nyaope okuthiwa yayibahlukumeza ebusuku uma besendleleni ebuya emsebenzini.

Izindawo ezifana nepaki yaseKing Dinuzulu zahlanzwa ngabahlali basehostela abakubeka kwacaca ukuthi sebekhathele ubugebengu nokubulawa yizigebengu.

Lezo zindawo sezithathwe yisonto lakwaShembe ukuqhuba izinkonzo zalo ngoMgqibelo, nokwenze kwaba nokuncipha okukhulu kwemibiko yobugebengu ezindaweni zaseThekwini.

“Lapha silwa nezenzo zobugebengu eziyinkinga edolobheni lethu. Siphinde sahlela ukuletha eminye iminyango kubandakanya i-SAPS, uMnyango Wezabasebenzi kanye noMnyango Wezasekhaya ukuze siqinisekise ukuthi siyayinqoba impi yokulwa nobugebengu,” kusho uMayisela.

Izihloko zakamuva