Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Bangaphezu kweshumi abasolwa okukhona kubo amaphoyisa omgwaqo nofundisa ukushayela ababoshwe ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo eMpumalanga.
Ukuboshwa kwabasolwa bekuyingxenye yemkhankaso yophiko lweRoad Traffic Management Corporation (RTMC) Anti-Corruption Unit, oKlebe namaphoyisa ophiko lwezobunhloli.
Lezi zikhulu zisolwa ngokwamukela ukugwazelwa kanye nokunikeza izincwadi zokushayela ngaphandle kokuhlolwa okufanele.
USimon Zwane, okhulumela iRTMC, uthe ukuboshwa kwabasolwa kwenzeke eSabie, Graskop, eLydenburg, Elukwatini naseVerena.
Ababoshiwe, abaneminyaka ephakathi kuka-34 no-59, kubalwa owesilisa nowesifazane ohlola amalayisensi kanye nofundisa esikoleni sokushayela eSabie, abahloli abane eLydenburg, nababili eGraskop.
UZwane uthe uphenyo luqale ngo-2021.
Kukholakala ukuthi abanikazi bezikole zokushayela eSabie basebenze nezikhulu ukuze bakhiphe izincwadi zokufundela kanye nezokushayela ngaphandle kokulandela imigudu efanele, okuhlanganisa nokudlula izivivinyo ezijwayelekile.
Kwezinye kuthiwa abantu bebekhokha izizumbulu zemali ukuze bathole amalayisensi ngaphandle kokuhlolwa.
Ngaphezu kwalokho, amaphoyisa omgwaqo amane eVerena aboshelwe ukugwazelwa abashayeli abephula imithetho yomgwaqo, okuhlanganisa nokugijima ngesivinini esiphezulu.
Lokhu bekuyingxenye yomkhankaso obizwa ngokuthi “Kwanele,” okuwumzamo wokukhuculula ukukhwabanisa nenkohlakalo ezikhungweni zokuhlola amalayisensi okushayela eMpumalanga.
UZwane uxwayise ngokuthi abantu abathola amalayisensi ngenkohlakalo babeka engcupheni abanye abashayeli, wanxusa umphakathi ukuthi ugweme lezi zenzo ezingekho emthethweni.
“Izikhulu zomthetho ngeke ziphumule kuze kube kukhishwa inkohlakalo ohlelweni,” usho kanje.
Lokhu kuboshwa kulandela umkhankaso ofanayo eLimpopo ngenyanga edlule, lapho kwaboshwa khona izikhulu zomgwaqo ezingu-11.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela