Amaphoyisa omgunyathi abanjwe ezama ukuduna imoto emgwaqeni onguthelawayeka

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseKurhuleni ubambe amadoda amahlanu ezenza amaphoyisa ephethe umfaniswano wamaphoyisa omgunyathi, i-taser nezinye izinto zamaphoyisa.

Abasolwa, abaneminyaka engu-28 kuya ku-34 ubudala, baboshwe eDaveyton ngemuva kokuthi umshayeli ephunyukile ngesikhathi bezama ukuduna imoto wase ebikela amaphoyisa angempela.

Kuboshwe amadoda amahlanu azenza amaphoyisa eDaveyton ngemuva kwemizamo engaphumelelanga yokuduna izimoto emgwaqeni onguthelawayeka u-N12 ngoLwesibili ntambama.

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-28 no-34, babanjwe ngamaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni (EMPD) bephethe umfaniswano weSouth African Police Service, i-taser, i-screwdriver kanye nelayisensi yezibhamu okungeyona eyabo.

Isigameko siqale ngesikhathi indoda eneminyaka engu-36 ubudala ibika ukuthi icishe yadunwa imoto ngamadoda abezenza amaphoyisa.

Uthe uke wama ehlisa owesifazane abemgibezile ngesikhathi imoto yohlobo lwe-VW Golf emhlophe ivimba imoto yakhe. Indoda egqoke ijakhethi yamaphoyisa nejini yaphuma, kodwa umshayeli wasola wabe eseyishayela.

IGolf yamjaha yaphinde yazama ukumvimba, kodwa wakwazi ukubaleka waphinde wayibona le moto imiswa ngamaphoyisa e-EMPD.

Amaphoyisa abeqaphile abone iGolf emhlophe ishayela budedengu ayimisa ecabanga ukuthi isigameko sodlame. Umshayeli ophunyuke kulesi sigameko wayibona imoto wabe esetshela amaphoyisa ngokwenzekile.

Kuthe uma kubhekwa imoto kwatholakala umfaniswano wamaphoyisa omgunyathi, amabhande, i-taser nejakhethi ye-CPF. Akekho noyedwa kulawa madoda amahlanu owayeyiphoyisa langempela.

Baboshwe bavalelwa esiteshini samaphoyisa eDaveyton. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.

Okhulumela i-EMPD, uZweli Dlamini, ukuncomile ukusebenza ngokushesha kwamaphoyisa, wathi isenzo sawo kungenzeka sivimbele elinye icala elibi.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa mbumbulu amahlanu.

Umthombo wesithombe: EMPD

Izihloko zakamuva