Amaphoyisa nomkhankaso wokuqeda ubugebengu

Everson Luhanga

Amaphoyisa e-SAPS nakaMasipala waseGoli ajahe iqembu ebelihlomile elisolwa ngokuduna izimoto ngoMgqibelo ngesikhathi egasela endaweni lapho obekucashe khona lezi zigebengu.

Abomthetho bebevale zonke izindawo izigebengu ebezingaphuma kuzo ngesikhathi egasela ebhilidini elisenkabeni yedolobha laseGoli njengengxenye yomkhankaso wakamuva wokuqeda ubugebengu endaweni.

Abasolwa bebengenayo indawo abebengabalekela kuyo ngakho bonke baye bathutheleka ophahleni ngesikhathi bejahwa amaphoyisa.

Kuthiwa lezi zigebengu ziswele indawo yokucasha ngakho baboshelwe khona lapho.

Okhulumela isiteshi samaphoyisa i-Johannesburg Central Police Station uKaputeni Xoli Mbele, uthe iningi labasolwa ngobugebengu abazame ukweqa ngophahla bakuleli ngokungemthetho.

Uthe leli bhilidi lingelinye lamabhilidi ahlala izigebengu ezihluphayo enkabeni yedolobha, futhi bathole imibiko eminingi ngobugebengu obenzeka kule ndawo.

UMbele uthe amaphoyisa aqinise umkhankaso wawo enkabeni yedolobha laseGoli ngoMgqibelo, ngoba ebehlose ukugasela ezindaweni ezahlukene ezigcwele ubugebengu.

I-Scrolla.Africa sikhulume noDavid Tembe, oyiLungu leKomiti leMeya lezokuphepha komphakathi, othe lo mkhankaso ngohlanganyelwa owokususa ubugebengu edolobheni nokwenza izakhamizi zedolobha zizizwe ziphephile.

“Okuseqhulwini kithina yizakhamizi zedolobha,” esho.

UTembe uthe uMnyango wakhe ubonga izakhamizi eziluma amaphoyisa indlebe ngezigameko zobugebengu edolobheni.

“Lokhu asikwenzi enkabeni yedolobha laseGoli kuphela, besisebenza kuzo zonke izifunda zedolobha futhi sizoqhubeka nokwenza kanjalo,” esho.

UMbele uthe amaphoyisa abophe abasolwa abangu-254 e-Johannesburg Central Cluster ngoMgqibelo.

Abasolwa baboshwe ngase-Brixton, e-Mondeor, e-Sophiatown, e-Fairlands, e-Langlaagte, e-Booysens, e-Moffat View nasenkabeni yeGoli.

UMbele uthe phakathi kwabasolwa kukhona nabebefunelwa amacala okubulala, ukugebenga ezindlini, udlame lwasekhaya, ukugebenga amabhizinisi, ukweba izimoto nokudayisa izidakamizwa. Abangu-70 baboshelwe ukushayela bephuzile.

Iningi labasolwa lizovela ezinkantolo zezimantshi ezahlukene ngoMsombuluko ngomhlaka-22 kuNcwaba.

Izihloko zakamuva