Amaphoyisa mbumbulu angalimaza ukuthenga kukaKhisimusi

Everson Luhanga

Unogada wamaphoyisa omphakathi uMduduzi Mbhele usexwayise ngamaphoyisa mbumbulu asabisa ngokuphazamisa abathengi bakaKhisimusi.

Ube esekhuluma nabakwa-Scrolla.Africa ngemuva kokuthi yena nethimba lakhe bebambe amaphoyisa mbumbulu amabili enkabeni yeGoli ngoLwesithathu.

Amaphoyisa mbumbulu abephethe amakhadi okuqokwa kanye nozankosi.

UMbhele kanye nethimba lakhe basebenzise ozankosi babo ukubopha owesifazane nowesilisa ngaphambi kokubashiya esiteshini samaphoyisa e-Johannesburg Central.

Indoda eyodwa, uBongani Mkandawire, oneminyaka engama-28, obevela eMpumalanga ezothenga eGoli, uthe wasatshiswa, waseshwa futhi wabanjwa inkunzi ngamaphoyisa mbumbulu amabili .

Ngenkathi esathi uzoya erenki ayobamba itekisi elibangise ekhaya nonkosikazi wakhe, uthe, owesifazane wamdonsa ngemuva wamkhombisa umazisi wamaphoyisa.

“Wangicela ipasi noma umazisi. Ngaphambi kokuthi ngazi ukuthi kwenzakalani, kwajoyina indoda eyaveza nekhadi lokuqokwa kanye nozankosi.

“Bengididekile. Unkosikazi wami ubemile ethukile ecabanga ukuthi ngiyathunjwa,” kusho uBongani.

“Bangisabisa ngokuthi bazongithumba bese ngiyiswa egumbini elimnyama lapho umndeni wami ubungeke ukwazi ukuthola umkhondo wami,” utshele abakwa-Scrolla.Africa.

UBongani uthe amaphoyisa mbumbulu afuna imali.

“Ngithathe u-R200 wami wokugcina ngabanika. Inhliziyo yami yayibuhlungu.

“Kodwa kwakukhona izingelosi eziqaphile ezazibuka.

“Abaqaphi – ababegqoke izingubo zomphakathi – bafika kithi.

“Bengicabanga ukuthi ngisenkingeni enkulu. Kodwa empeleni bebekhona ukuzosisindisa emaphoyiseni angombombayi,” kusho uBongani.

UMbhele uthe kuyadumaza ukubona abathengi beqhamuka ezindaweni ezikude njengaseMpumalanga, KwaZulu-Natali noma ePitoli bebanjwa inkunzi bashiwe dengwane.

“Sithole izikhalazo eziningi ezivela kubathengi mayelana nabantu abazenza amaphoyisa. Indawo eshisayo ngaleli cala ibiseduze naserenki ematasa yamatekisi i-Noord MTN.

“Selokhu kuqale inyanga, sinyukile isibalo sezikhalazo. Senze ugibe saqapha imigwaqo ematasa emiphakathini,” uyasho.

Okhulumela isiteshi samaphoyisa e-Johannesburg Central ukaputeni uXoli Mbhele ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala. Uthe abasolwa bazovela enkantolo kungekudala.

Izihloko zakamuva