Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa athole abantu abangu-15 benqunu endlini ese-Sandringham ngemuva kokuthi omakhelwane bebike izinto ezenzeka kulomuzi ezingajwayelekile.
Abasolwa abathathu baboshelwe ukushushumbiswa kwabantu kwathi abanye abagilwa baphuthunyiswa esibhedlela.
Amaphoyisa ahlenge abantu abangu-26 okukholakala ukuthi bangabokudabuka e-Ethiopia abebethunjwe emzini oseGoli ngoLwesine ebusuku ngemuva kokuthi omakhelwane bebike izinto ezenzeka khona ezingajwayelekile.
Ngesikhathi amaphoyisa efika kulo muzi oku-Luster Road, e-Sandringham, afice abantu abangu-15 benqunu ngaphakathi.
Bonke kukholakala ukuthi bangabase-Ethiopia. Abanye abangu-11 baphuthunyiswe esibhedlela.
Okhulumela oKlebe, uColonel Philani Nkwalase, uthe abagilwa baphule iwindi nezinsimbi ukuze babaleke. “Abanye abagilwa abangu-11 baphuthunyiswe esibhedlela ukuze beyolashwa.”
Abanye abagilwa batholwe eduze komuzi abanye babaleka.
Amaphoyisa abophe abantu abathathu ngecala lokushushumbisa abantu nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Bathole isibhamu sohlobo lwe-9mm ne-magazine kodwa zingekho izinhlamvu.
Ukuhlenga kubandakanye amathimba amaphoyisa ase-Sandringham, oKlebe, amaphoyisa kaMasipala waseGoli kanye nenkampani yonogada.
“Udaba ludluliselwe ophikweni loKlebe e-Gauteng oluphenya ngobugebengu obuhleliwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Laba bantu abangu-26 abangenazo izincwadi bayacutshungulwa ukuze kutholakale imniningwane yabo,” kusho uNkwalase.
Unxuse abantu ukuthi bafonele amaphoyisa uma bebona umuntu engagqokile endaweni, ngoba kungenzeka abe umgilwa kuleli cala.
Esithombeni esingenhla: Iwindi lapho abagilwa abangu-26 beqe khona e-Sandringham, eGoli.
Umthombo: Sithunyelwe