Amaphoyisa ehlakaze abafundi ngenganono 

Lubhalwe nguZukile Majova no Everson Luhanga

Kuqhume inganono ngesikhathi amaphoyisa kade ehlakaza isixuku sabafundi ebesibhikisha ngeSonto ebusuku.

Amaphoyisa adubule aphinde abopha abafundi abebehamba phakathi kwezindawo abahlala kuzo e-Braamfontein eGoli ngeSonto ebusuku.

Izithombe ezithwetshuliwe zikhombisa amaphoyisa edubula ebhekise kubafundi abebebukela ngamafasitela ezakhiweni abahlala kuzo enkabeni yedolobha.

Amaphoyisa amaningi akwa-SAPS abethuka ngenhlamba futhi ehudula abesifazane abasebasha athwetshulwe kwividiyo kusasele amahora amathathu kuqale ngokusemthethweni ukuvalwa kwezwe.

Imibhikisho iphinde yaqala ekuseni ezindaweni zaseMpumalanga, KwaZulu-Natal, e-North West nakwezinye izindawo zaseGoli.

E-Sebokeng kanye nase-Vaal kubonakale iqeqebana lababhikishi livale umgwaqo u-Moshoeshoe ngamathayi avuthayo kusasele amahora amaningi ngaphambi kokuthi kuqale umbhikisho wokuvalwa kwezwe olindelwe ngabomvu.

Phezu kwemizamo yamaphoyisa yokushaqa amathayi okusolwa ukuthi abekwe ababhikishi, kube nezigameko ezweni lonke lapho ababhikishi abavale khona imigwaqo ngamathayi avuthayo.

NgeSonto amaphoyisa abonakale elayisha amathayi emalolini awo amakhulu kanti kusolwa ukuthi la mathayi abekwe eceleni kwemigwaqo ababhikishi.

I-EFF ichaze ukutshalwa kwamasosha emalokishini abantu abamnyama njenge senzo sengcindezelo.

“Ukuthunyelwa kwamasosha kanye nezinhlaka zomthetho njengamanje sekudlule lokho okwakwenziwa uhulumeni wobandlululo ngeminyaka yango-1980.

“Ezigamekweni lapho okubonakala khona amasosha engena emalokishini akuleli, amaphoyisa esesha amakhaya nezimoto zezakhamizi ngaphandle kwezimvume noma isizathu kanye nokuvala izitolo zamathayi ziveza uhulumeni odidekile okwazi ukuhlukumeza amalungelo abantu,” kusho isitatimende seqembu.

Udaba oluqhubekayo.

Izihloko zakamuva